Izindaba

Libagojele ababulala (9) eHostela laseGlebelands 

BALAHLWE ngelakubo abesilisa abahlanu abagojelwe yicala lokubulala amadoda ayisishagalolunye eHostela, laseGlebelands, eThekwini.

Inkantolo enkulu yaseThekwini ebiqula leli cala.

Abalahlwe yicala nguBongile Mabele oneminyaka engu (34) Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32) Nkosayikhethi Njeya oneminyaka engu (38) Bongani Patrick Mboyiy (38) noSibusiso Mkhonde (41).

Lababulali basoconga uPhakamani Lukhozi, Thamsanqa Shongwe, Mpilo Khumalo, Lungani Sikobi, Yandisa Msungubali, Nkululeko Mhlabezulu, Bongani Patrick Mkane, noMxolisi Mthethwa.

Abagilwa babulawa behlezi ndawonye eBlock 57 ngoJuni 2023.

Ngokombiko wePodcast Affirmation iJaji uBusisiwe Masipha lisole laba ngobuhobholo kanjalo nangokuzicabangela bona.

“Okugqamayo wukuthi enanikwenza nonke naninenhloso yakho futhi nazi kahle ukuthi nifisa ukuzuzani,” lisho kanjena.

Liveze ukuthi ukuze libathole benecala lisebenzise ubufakazi buka Mfanufikile Skhosana owayeyingxenye yetulo kodwa ngokuhamba kwesikhathi waba sohlangothini loMbuso.

Icala luzobuyela maphakathi nenyanga sekuyolalelwa usigwebo.

Related Articles

Back to top button