Ezemidlalo

Ubuyise ithemba uGlody kwiChiefs esiphila ngokubalisa

UBE yiqhawe uGlody Lilepo odlale ibhola elihle waba ngovelele emdlalweni kwabuya nethemba kubalandeli beKaizer Chiefs asebephila ngokubalisa.

Lo mdlali ufakele u-Ashley Du Preez ibhola ashaye ngalo igoli lokuwina bebhekene neMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, lo mdlali waseDR Congo uvumile ukuthi ukuhlulwa yiMamelodi Sundowns emdlalweni wabo wokugcina bekunzima.

Ube yiqhawe uLilepo beguqisa iMagesi FC ngegoli elilodwa emdlalweni weBetway Priemership

Uthi ukujabulele ukusiza iqembu ukutheni lisheshe lidlule kulokho futhi liqhubekele phambili, libuyele emgqigqweni wokunqoba.

“Kuyiqiniso ukuthi bekuwumdlalo onzima lona,” kusho uLilepo ngemuva komdlalo.

“Futhi emidlalweni enjena udinga ukuhlala ugxilile ngoba ungathola ithuba lokushaya igoli noma nini.

“Siyajabula namuhla ukuthola amaphuzu amathathu. Sesikukhohliwe ukuhlulwa yiSundowns.

“Lokhu kuwina kuzosinika umdlandla omuhle njengoba sibheke emdlalweni wendebe neStellenebosch ngempelasonto.”

Umdlalo olandelayo weChiefs uwumdlalo omkhulu nobalulekile weNedbank Cup la izobhekena khona neStellenbosch eGqeberha.

UGlody Lilepo uthe ungumdlali osebenza ngokuzikhandla futhi odlala ngokwamaqhinga omqeqeshi angaleso sikhathi.

“Ebholeni elikhokhelwayo udinga ukukwazi ukumaka nokuhlasela – udinga ukuba muhle kukho kokubili,” kusho uLilepo.

“Umdlalo weSundowns ubuhlukile ngokwamaqhinga okudlala. Besimaka njengabagadli sobabili noTashreeq Morris.

“Kodwa namuhla banginike ithuba lokudlala ophikweni ukuze ngikwazi ukubhekana ngqo nembangi, ngizame ukudlula kuyo bese ngigoba amabhola.”

Yize kube nezinguquko ezine eqenjini eliqale umdlalo, iChiefs idlale ngomfutho ofanayo njengoba yenza kwiSundowns.

Nokho ayikwazanga ukwakha amathuba ngendela ebingafisa ngayo ngesiwombe sokuqala.

Umqeqeshi uNasreddine Nabi wenze izinguquko ngesikhathi kubuywa ekhefini futhi zawenza umehluko.

Ufake uMduduzi Shabalala, uGeorge Matlou noDillon Solomons ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

Bafike benza umehluko. Kodwa kube u-Ashely Du Preez, ongene esikhundleni sikaRanga Chivaviro obe yiqhawe losuku.
Lisenethini

Related Articles

Back to top button