Izindaba

Ukhala ngesibhaxu umfelokazi wephoyisa oboshiwe

LIHLEHLELE umhla ka-4 Mashi icala lokubulala elibhekene noSibongile Dlamini (42) osolwa ngokuthengela izinkabi umyeni wakhe uConstable Banele Skosana obeyiphoyisa le-EMPD, eGoli.

UDlamini ubevele eNkantolo yeMantshi yaseSprings ngoLwesine kanti abanye abasolwa ababili abahlobene necala lokubulala basagcwele amathafa.

Ngokubika kweScrolla Africa lo mfelokazi utshele iNkantolo ukuthi amaphoyisa amhlukumeza amahora amane ukuze amphoqe ukuba avume icala lokubulawa komyeni wakhe.

Esitatimendeni esifungelwe uthe amaphoyisa amhlubula aphinde amlulaza ngesikhathi “emculisa” amahora amane.

“Ngayalelwa ukuba ngikhumule isiketi sami nempahla yangaphansi futhi ngifake inabukeni. Kwase kuhlala iphoyisa phezu kwami, langivala ekhanda ngesikhwama lizama ukungicisha umoya, laqhubeka nokungishaya ngezimpama,” usho kanje.

Uthe waphoqwa ukuthi asayine incwadi yokuvuma icala amvimba ukuthi abonane nommeli wakhe ngosuku aboshwa ngalo.

Ummangalelwa ophambili kuleli cala, uNhliziyozabantu Magwanyana, obhekene necala lokudubula umufi ngomhlaka-7 kuFebhuwari ngaphandle kwespaza sakhe Kwa-Thema, usilahlile isicelo sakhe sebheyili.

Ukhombise ukulimala eNkantolo wathi ushawe amaphoyisa ngesikhathi eboshwa.

UDlamini uchaze ukuthi wayemazi uMagwanyana nje kuphela njengomuntu okwakufanele abadayisele isiqandisi sesitolo sabo.

“Isiqandisi bekumele silethwe ngomhlaka-7 kuFebhuwari. Ngalolo suku wangifonela ekhala ngamakhamera e-CCTV esitolo wacela ukuba ngiwacime. Angizange ngiwacime ngoba elawulwa umyeni wami ocingweni lwakhe,” esho.

Umyeni wakhe wabulawa ngalo lolo suku.

Inkantolo izwe ukuthi uMagwanyana kusolakala ukuthi wavuma emaphoyiseni ukuthi uDlamini wamqasha ukuthi abulale umyeni wakhe. Nokho, uMagwanyana uthi amaphoyisa amshaya amahora ayisithupha ngesikhathi eboshwa ngomhlaka-10 Febhuwari ehostela laKwa-Thema.

Ukhombise inkantolo imihuzuko ebonakala ezandleni zakhe wathi ubekhwehlela igazi ngenxa yokulimala esifubeni. Uphinde wabika ngokulimala emhlane kanye neminwe ebindikindiki ngenxa yozankosi.

Related Articles

Back to top button