Ezokungcebeleka

UNgizwe akaguquki ekubizeni uSizwe ngesitabane

UMENGAMELI wamabhinca nowayengumsakazi kuKhozi FM uNgizwe Mchunu ushaya phansi ngongawo ukuhoxisa amagama okubiza umculi weGqom uSizwe Mdlalose ngesitabane.

UMdlalose ovamise ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana ehamba nosaziwayo ungene kuTikTok lapho abephawula ngentokazi uTamara osuse igidigidi ngenkulumo yakhe eqoshiwe lapho egxeka amantombazane angaziphethe kahle.

Le nkulumo kaTamara imenze undabuzekwayo abanye besilisa baze bamqamba bathi usengumongameli wesifazane wokuqala wakuleli nokumele abizwe kwiMen’s conference kodwa abanye bayigxekile inkulumo yakhe, bethi uyaphaphalaza.

UMdlalose ugaxelile waba ngomunye wabesilisa abamgxekile uTamara nokwenze uNgizwe wangananaza wambiza ngesitabane esimithisayo.

UNgizwe utshele uMdlalose ukuthi wamazisa ukuthi ubutabane uyabulingisa kanti indunu izojwayela.

Le nkulumo kaNgizwe ayehlanga kahle kubalandeli baMdlalose kodwa leli qhalaqhala elinguNgizwe lithintwa ukuze liphawule, lithe:

“Vele uyisona isitabane futhi anginendaba noma engaya enkantolo enkulu angeke ngiyeke ukumbiza kanjalo,”

UMdlalose ubhale ezinkundleni zokuxhumana ethi yena akakaze athuke muntu kodwa uyaxakeka ukuthi usethukelwani.

UNgizwe usanda kuba sematheni ngomsindo nothuthuva alusasa yena nabangani bakhe begibele ibhanoyi okwenze kwakhishwa umyalelo wokuthi angaphinde aligibele.

Wafika wabanga umsindo, wahuba amaculo ezeseka ngokuthi kuyisiko lakhe njengoZulu ukuthi agcine usiko.

Related Articles

Back to top button