
Ummeli ecaleni likaSenzo Meyiwa kwiComrades
Liyah Mseleku
Ummeli oqavile ecaleni lokubulawa kwaSenzo Meyiwa u-Advocate Charles Mnisi ugcine ewugijimile wawuqeda umqhudelwano i-2025 Comrades Marathon.
Ushaye isikhathi esingamahora ayishumi, imizuzu engu-42 nemizuzwana emie, esuka eMgungudlovu ukuyofika eThekwini.
Lokhu kuza emuva kokungaboni ngaso linye neJaji Ratha Mokgoathleng elakhombisa ukungayizwa eyokungenela kwaMnisi umjaho engabe usenkantolo.
IJaji lagcina likhipha amagama angehlanga kahle ngisho nakwinhlangano yabammeli abamnyama.
NgoLwesihlanu kwasuka umsindo ngesikhathi iJaji lithola incwadi evela kuRegistrar ibika ukuthi uMnisi ngeke aphumelele enkantolo.
UMnisi wayezongenela iComrades Marathon futhi wayezokube eshayela ngoMsombuluko okulindeleke ukuthi abe senkantolo ngawo.
Inhlangano yabammeli abamnyama iBlack Lawyers Association (BLA) iyikhahlele ngazo zimbili indaba kaMokgoatlheng.
Ithe lesi senzo sakhe sokuhlasela abammeli abamnyama asamukelekile.
“INational Executive Committee of the BLA ikubeka obala ukuthi ayihambisani nenkulumo yeJaji uMokgoatlheng yokuhlezi uqhathanisa abamhlophe nabamnyama ikakhululazi eNkantolo,” kusho unobhala jikelele weBLA,” uTakalani Chris Mamathuntsha.
Uqhube ngokuthi abammeli abamnyama bakwazi ukwenza izinto zenzeke futhi izinga labo liphezulu emsebenzini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnisi umele abamangalelwa ababili, okowokuqala nowesibili ecaleni eliqhubekayo eNkantolo enkulu ePitoli.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



