Izindaba

Owodumo kwiPirates uzodlelwa umuzi obiza ngaphezu kwesigidi

Umgadli ozakhele igama kwi-Orlando Pirates kodwa okumanje ukwiMarumo Gallants, uGabadinho Mhango, uzodlelwa umuzi wakhe oseGoli.

Lokhu kungenxa yokuhluleka ukuwukhokhela, kumanje useshaywe ngamasamanisi yiNedbank.

Ibhange lifuna lo mgadli waseMalawi akhokhe imali yalo engaphezu kuka-R1.2 million noma adlelwe umuzi ngokombiko weSunday World.

Amaphepha asenkantolo enkulu yaseGoli akhombisa ukuthi ibhange lifuna ukuthi umuzi udayiswe ukuze kubuye imali yalo.

UMhango uhlulekile ukukhokha imali yanyangazonke ngokwesivumelwano sokudayiselwa kwakhe lomuzi.

I-Nedbank ifuna nenzalo yonyaka engu-12.60% futhi inikeze uMhango izinsuku eziyishumi ukuthi aziphendulele.

Nokho njengoba engaphendulanga, lokhu sekunike ibhange igunya lokuqhubeka ngaphandle kokuphikiswa nezinhlelo zokudayisa lo muzi.

Imithombo esondelene noMhango ithi unethemba lokuthi uzosikhokha isikweletu sakhe maduze.

Kuthiwa uma esho ulinde imali akweletwa yona yikilabhu adlala kuyo yokusetshenziswa kwezithombe zakhe.

Usefake iMarumo Gallants enkantolo, ufuna u-R828 000 ohambisana nenzalo ngokusetshenziswa izithombe zakhe ezikhangisweni nasemikhankasweni yeqembu.

UMhango uthi iqembu lakhe lakudala, iSwallows, yilo elasayina inkontileka yokusebenzisa izithombe zakhe.

Manje njengoba iGallants yathenga isitifiketi seSwallows, kusho ukuthi leyo nkontileka isiwele kuyo, ngakho iyona okumele imkhokhele.

Ubalule izikhawu ezimbalwa zokusetshenziswa kwezithombe zakhe, okuhlanganisa ukukhangisa iqembu nokunye.

Yize eyifuqe ngezincwadi zomthetho ngoJanuwari nangoSepthemba ngo-2024, iGallants ayikayikhiphi le mali emkweleta yona.

UMhango uthi manje le mali sekumele ikhokhwe iyisamba esiphelele ngokwemibandela yenkontileka.

Related Articles

Back to top button