Izindaba

‘UKelly umsolwa wesithupha kwelokufa kwaMeyiwa’

UMPHENYI wecala lokubulawa kukanozinti  uSenzo Meyiwa uBrigadier Bongani Gininda, uveze ukuthi uKelly Khumalo umsolwa wesithupha kuleli cala.

UBrigadier uthe ngo-2020 babelindele ukubopha uKelly, wafaka isicelo sokuthola imvume yokuboshwa kwakhe kodwa  sangaphumelela.

UMeyiwa wayengukapteni weBafana Bafana aphinde abe unozinti ophambili kwi-Orlando Pirates. Lo nozinti waseMlazi, wadutshulwa wabulawa ekhaya eVosloorus, East Rand, eGoli.

Abasolwa abayisihlanu bathetha icala enkantolo enkulu ePitoli ngecala lokubulala uMeyiwa.

U-Adv Sipho Ramosepele ubuze uBrigadier ukuthi yini kuhlale abasolwa abahlanu enkantolo ekubeni uthi bayisithupha abantu abadlala indima ekubulaweni kuka kapteni wesizwe.

URamoselepe: Okwamanje sinabasolwa abayisihlanu ababhekene nenkantolo kodwa kuthiwa kwistatimende bayisithupha abadlale indima ekwakheni itulo nokubulala. Ubani owesithupha?

Brigadier: UNkosazane uKelly Khumalo mhlonishwa. Khumbula kulesi sitatimende ngabe ngifake isicelo sokubopha unkosazane Kelly Khumalo wayezoba umsolwa wesithupha. Laba abanye babavele sebevelile enkantolo okokuqala, kwabe kungu Novemba. Ngangihlela ukufaka uKhumalo abe ngowesithupha.

Brigadier Gininda ulindeleke ukuthi aqhubeke ageqe amagula ngoLwesithathu.

Related Articles

Back to top button