Kuboshwe u’my friend’ espaza namakhebuli kagesi ebiwe
KUBOSHWE umnikazi weSpaza, wasezweni angaphandle ngabe Nelson Mandela Bay Metro Police ebhadanywa nentambo kagesi entshontshiwe.
Le ntambo kagesi engango-200 metres ubude ivundululwe estolo sakhe, e-Uitenhage.
Uboshwa nje lowesilisa abakwa Masipala kade bekhala ngokunyuka kwezinga lokuntshontshwa kwezintambo zikagesi endaweni yabo, ikakhulukazi ngesikhathi sezikhukhula.
Lowo obambile ekubeni uKhomishana yeMetro Police u-Advocate Andrew Moses uthe ukuzimisela nokuzinikela emsebenzini wabo yikhona okwenze kufinyelelwe ekubishweni komsolwa.
Izintambo zitholwe zifihliwe lapho kugcinwa khona izimpahla.
Uthe ukubopha kwenziwe ukuthi baphenyisise eSpaza, kuMtyingizane street, Kwanobuhle e-Uitenhage.
Uthe emuva kokuthi bavunyelwe ukuhlolisisa, kukhona ababoshiwe, kwathathwa nentambo angango-200 metres.
Umsolwa ugcinwe esitokisini KwaNobuhle Police Station.
Amaphoyisa akwa Metro agqugquzelekile emva kokubopha.
“UMaspala uthinteke kakhulu ngokunyuka kwesibalo sokuntshontshwa kwezintambo, lobugebengu kwenza ukuthi idolobha lingathuthuki kuphinde kulimale nomnotho walo,” kusho uMoses.
Ushayele kakhulu ihlombe abezomthetho ngokusheshe baphendule, nokuzimisela.
UMoses unxenxe umphakathi ukuba usebenzisane nabo kuliwe nokuntshontshwa kwezintambo zikagesi. Nokuthi bashayele lezizinombolo ukubika, zisebenza 24-hours 041 585 1555 noma 041 508 5501
DailySun