Isexwayiso esiphuthumayo ngezulu elibi eThekwini
Philasande Luthuli
ITHIMBA elibhekele izinhlekelele kuMasipala weTheku usukhiphe isixwayiso sokuthi abantu abahlale beqaphile isimo sezulu esingesihle.
AbeSouth African Weather Service (SAWS) bathi isimo sezulu sizosuka kuLevel-2 sinyukele ku-4 kusukela ngehora lesithathu ntambama ngeSonto.
Lo level 4 usudale ukugxabha kwezisu kwabaningi kwazise izimvula ezinamandla nemibani kuvame ukudlula nemiphefumulo.
Izingxenye zeTheku ezingase zithinteke kubalwa inkaba yedolobha (CBD), Berea, Glenmore, Morningside, Umbilo, Chatsworth, Pinetown, Queensburgh, Amanzimtoti, naseMlazi.
Kuthiwa kulindeleke umoya onamandla, imvula engenamkhawulo, liphinde lidedele imibani.
Leli zulu elibi kuthiwa kulindeleke ukuthi likhafule umoya ogijima ngo100/h kuya ku-120 km/h.
Ukubaniza khona kuzodala ukunqamuka kwagesi, kuwe nezihlahla kanjalo nezimoto zizophazamiseka emgaqweni.
Imvula kulindeleke ukuthi liyidlive lidedele u-40mm, ongadala izikhukhula.
Sekucelwe ukuthi abantu bagweme ukuthatha uhambo olungenasidingo kwanxuswa ukuthi abantu bahlale emakhaya.
Abashayeli bezimoto kumele baqaphe ngelokhozi uma kwenzeka bezithola sebesemgwaqeni.
Izakhamizi ezikhathazekile ziyanxuswa ukushayela ku-031 361 0000 zibike ngokwenzekayo nezikubonayo mayelana nalesi simo.
Ezinsukwini ezedlule iPurpose ibike ngokuthunyelwa konjiniyela abaseqophelweni eliphezulu ukuyobheka ibhuloho kuN2, ngakuJoyer Road, ngase Siphingo elihlukene phakathi.
Kusolwa imvula ebamandla kulezi zinsuku njengoba izangoma zezulu zibikile ngokushuba kwesimo sezulu esikhona nekulindeleke ukuthi siqhubeke kwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye zezwe.
Abasebenzisi bomgwaqo abakhahlazemekile yilabo ikalukazi abasuka eThekwini bebheke eManzimtoti.