Izindaba

Udlwengulwe wabulawa obecele ulift kuFacebook 

Utholwe edlwenguliwe wabulawa owesifazane obecele ulift kuFacebook esuka eGoli elibangise eNewcastle.

Ezakamuva zithi umgilwa uLondeka ubesendaweni yobumnandi ngoMgqibelo nabangani bakhe.

Bahlale khona kwaze kwasebusuku kanti bekumele ahambe njengoba ubezolibhekisa ekhaya eNewcastle.

Utshele abangani bakhe ukuthi ngeke esawathola amatekisi erank, abangani bamluleka ngokuthi makahambe kusasa ngoba sekuhlwile.

Kuthiwa walile wathi uzokwenza elinye iqhinga, ube sebhala kuFacebook wakhe ethi ucela umuntu onemoto ozosuka eGoli to alibangise eNewcastle manje ebsuku amuphe ulift.

Ngokombiko weSolezindaba emuva kwehora ubikele abangani bakhe ukuthi sekulungile useyitholile imoto ezomthatha iyomshiya eNewcastle.

Ube esevalelisa kubona bamphelezela wayogibela emotweni iVW POLO tsi ebovu.

Endleleni umgilwa udlwenguliwe wadutshulwa.

Kube sekutholakala ifone yakhe esikhwameni ekade siseduze nalapho abulawele.

Ngenhlanhla udadewabo kade eyazi ipassword yeFacebook kamufi, kube sekuvulwa kwatholakala ukuthi kunendoda emthumelele umyalezo esithe.

Ibimazisa ukuthi ingamsiza ngolift icela amnike ilocation yalapho ekhona izoza.

Uvumile uLondeka wanika lendoda location nenombolo yocingo yathi yona ilibangise eMooi-River kodwa izodlula imshiye kubo eNewcastle.

Nokho amaphoyisa akwazile ukumlandela umsolwa esahamba ngalo iPolo waboshwa ngokukhulu ukuphuthuma.

IPurpose ibike ngesigameko esifuze lesi ngomhla ka-9 June nalapho kwaze kwangenelela khona inhlangano yamatekisi kuleli iSouth African National Taxi Council (Santaco).

Kulesi sigameko kwadlwengulwa intombazane eneminyaka engu-16 ubudala.

ISantaco ibibhodla umlilo emuva kwesigameko esishaqise abaningi eMpumalanga lapho le ntombazanyane ibecele ulift emgwaqeni.

Umgilwa wayesuka eDullstroom, elibhekise eLydenburg wathathwa abasolwa ababili ababehamba ngeVW Polo emnyama.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Donald Mdhluli uthe intombazanyane ithole ulift ngabantu engabazi kanti bazoyivulela esiswini njengotshwala bayidlwengula.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button