Izindaba

Ubuso phezu kwezinqe zibakhalela

Liyah Mseleku 

KUBHIMBE ikhwaya kubasolwa abayisithupha okuhlanganisa oyedwa owakuleli nabayisihlanu baseZimbabwe.

Zibakhalele ngoLwesine bebanjwa nogwayi ongekho emthethweni ongabiza inani likaR390 000.

Lo wakuleli ubanjwe nesibhamu sohlobo lwe-9mm esisayohlolwa ukuthi asinawo yini amacala.

Laba solwa babhadanywe ngenxa yokubambisana kweLimpopo SAPS Anti-Smuggling Team, Polokwane Tactical Response Team (TRT), namalunga eHoedspruit Farm Watch.

Bonke ababoshiwe baphakathi kweminyaka engu-31 no-44 ubudala.

Kuvundululwe amabhokisi ogwayi angu-43 nezimoto ezimbili ezisetshenzisiwe kwemziwe lobu bugebengu.

Khonamanjalo, ngomhla ka-17 April iPurpose ibike ngabasebenzi abangaphezulu kwa-120 aboshwe uMnyango wemisebenzi nabasebenzi nowaZasekhaya emafemini akwaSithebe, eMandeni KwaZulu Natal.

Labo ababoshiwe abanawo amaphepha okuba seNingizimu Africa.

Iningi liyantula kule ndawo ngenxa yokuvaleleka ngaphandle endaweni yabo.

Amalunga omphakathi kuthiwa ayekade ekhala ngokuthi yimaphi lamakhono amangaka angekho endaweni nokwenza ukuthi kuqashwe abantu bokufika.

USekela Ngqongqoshe kuMnyango wezokuqashwa nabasebenzi uJomo Sibiya usigxekile lesi senzo sokushaya indiva abantu basendaweni nokungayilandeli imithetho.

“Akwamukelekile nhlobo lokhu okwenzekayo, kusho ukuthi abantu bakuleli basazoqhubeka babe ngojika nelanga ngenxa yokungasebenzi. Baphile enhluphekweni nasebugebengwini ekubeni amafemu akwaSithebe akhethe ukungayihloniphi imithetho yakuleli lizwe.

Bazobhekana nengalo yomthetho labo abatholakale bengenawo amaphepha aqondile kuyimanje bayahlolwa, nabaqashi nabo bazoyikhotha imbenge yomile.

Related Articles

Back to top button