
Ubukhazikhazi be-Audi A5 bukhiphisa imali ungakhonondi
Lindani Buthelezi
Ngeney’ntwen Mkhize
Linyuke kakhulu izinga kwa-Audi nge-A5 entsha, yingakho ungeke wakhala nakancane uma kumele ukhiphe imali engaphezulu kwesigidi uma ufuna ukuhamba ngale moto.
Ubude bayo bungu 4, 829 mm isesigabeni seSedan. Kwa-Audi banethemba elikhulu lokuthi i-A5 izoqhubeka lapho kushiye khona i-A4 ngokuba yintandokazi yemoto.
Njengoba kuyiSedan iphakathi kwe-A4 ne-A6 kodwa kwa-Audi bayakugcizelela ukuthi lena yimoto ezimele.
Njengoba sikhuluma ngokuthi izinga balinyusile lihambisana nentengo yayo engu – R1,123,000.
Injini yakhona ingu 2.0 litre turbocharger ikhiqiza amandla afinyelela ku-146kW netorque engu 340Nm, bese idonsa ngamasondo angaphambili.
Kukhona nekhiqiza amandla afinyelela ku-200kw, itorque engu-400Nm Quattro edonsa ngawowonke amasondo.
Ngaphezu kwalokhu kukhona neBlack Edition ebiza R1,166, 800 ephuma nezibuko ezigqize ngobumnyama, amasondo angu 19 inch amnyama, ama brake calliper abomvu.
Kulezi nyanga ezizayo kwa-Audi South Africa basazoshubisa izinto ngoba kuthe emcimbini wokwethulwa kwe-A5 bamemezela ukuthi kunohide lwezimoto abazozethula okukhona kuzo nolunye uhlobo lwale-A5.
Izinjini zombili zidonsa ngogearbox ongu-7 speed dual clutch, bese enye yazo idonsa ngamasondo angaphambili.
I-A5 yethulwe eGoli emigwaqeni ekhululekile ngaphandle kwesiminyaminya.
Ubuhle bungaphandle nangaphakathi. Iphuma nescreen esingu 14.5 inch esisebenza ngokusicindezela kanjalo nedigital instrument cluster engu-11.9 inch okuqondene nomshayeli (curved).
Iphasenja kule A5 nalo liyakwazi ukusebenzisa esalo iscreen esakhiwe saqondaniswa nalo ngqo, okwenza umshayeli angakwazi ukubona ukuthi udlalani kuso.
Lokhu kwenzelwe ukugwema ukuthi umshayeli asuse amehlo emgwaqeni ngoba epopola eceleni.
Le screen esingu 10.9 inch naso asiwona umgomo kodwa kungaya kumuntu ukuthi uyasidinga yini.
Iphuma neheads up display, izihlalo zesikhumba ezithambile. Igqomu lomsindo wezipikha iBang and Olufsen ezize zixhunywe kuma headrests ngaphambili.
Kulezi pikha uyakwazi ukuxhuma iselula uyizwe kuheadrest ngaphandle kokuphazamiseka kohamba naye, kukhona iwireless Apple CarPlay ne-Android Auto.
IPanoramic Sunroof inguvala
ngaphandle kokuba ubhememe lwemoto enye into engibona ukuthi izodlisa kakhulu kule A5 uhlobo lwesunroof abeze nalo.
Le sunroof uyakwazi ukuthi uyishintshashintshe imibala kuye ngokuthi isimo sezulu sithini nokuthi wena mshayeli ufuna imoto ibe njani ngaphakathi.
Iyakwazi ukuguquguquka izikhathi ezingu-6 abathi iswitchable transparency. Ikwazi ukuhlela ugabagaba kusuka phambili kuyoshaya emuva kuye ngokuthi umshayeli ufuna ukukhanya okungakanani ngaphakathi emotweni.
Udedangendlala ngemuva
Ngokujwayelekile izimoto ezidle ngokubhasha futhi ezakhelwe ijubane akujwayelekile ukuthi zibe nesikhala esanele ngemuva.
Nesikhala sebhuthi esingu-340 litre asikhalisi neze. Ngesikhathi siyidedela ngikuqaphelile ukuthi ithule emgwaqeni nasemajikeni akukho lapho uzithola usubambelela khona ngenxa yokugudluzela.
Umsindo ovamise ukuzwakala kabuhlungu lapho imoto isejubaneni awukho nhlobo kwi A5.
Yinto engabuzwa ukuthi ukutheleka kwezimoto zohlobo lweSUV kungenise okomfula uLovu okwenze amaSedan asilela ngemuva.
Kodwa kwa Audi South Africa babonakala bezokushintsha lokho nge A5.
Usayithi nhla nje ngeso uyawuzwa umuzwa wokuba yiSporty kusuka kugqinsi lwamasondo, amalambu eMatrix LED, ibhonethi ehamba ize iyogamanxa kobhampa.
Ngemuva kube i3D light bar beze ivala ngezinqawe. Amasondo angu 19 inch, run flat, electric tailgate, lane departure warning, parkassist plus, rear view camera
Audi A5 TFSI S line S tronic
Intengo. : R1 123 000
Injini. : 2.0-litre, four-cylinder, turbopetrol
Ugearbox : 7-speed dual clutch
Amandla : 150 kW @ 4 300-6 000 r/min, 340 N.m @ 2 000-4 000 r/min
Ijubane eliphezulu : 248 km/h
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169