Izindaba

Liziqhathe noMkhwanazi iphoyisa ebelishayela imoto engenascabha

Liyah Mseleku

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi useyalele ukuthi liqondiswe ubugwegwe iphoyisa ebelishayela imoto yombutho engenasicabha.

Ivideo eqoshiwe yale moto ishosholoza emgaqweni yaseThekwini yenze kwaba negidigidi mayelana nesimo sayo njengoba ibingekho esimweni.

Le video iqoshwe ngeSonto ngomunye umshayeli emgaqweni.

Ngokuthola kwePurpose le moto ize iphume isicabha nje yayibandakanyeke engozini netekisi eDurban North.

Ngokusho kwaCol Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa esifundazweni uthe umshayeli bekungumuntu wesifazane.

“Umshayeli bekuyiphoyisa lesifazane elivaleleke ngaphakathi emotweni. Ngaleyo ndlela kuphoqe ukuthi sikhishwe isicabha ukuze athole usizo,” usho kanje.

“Imoto bekufanele idonswe. Kodwa kulokhu ayilandelwanga imigudu. Umshayeli onguWarrant Officer ukhethe ukuyishayela injalo ebheke epolice station,”

“Yize noma le moto beyiphelezelwa ngenye ebihamba ikhanyisa amalambu aluhlaza kodwa bekungamele ibe semgaqweni ngoba ibingekho esimweni,”

Mkhwanazi uthe iphoyisa ebelishayela le moto nalo okhiphe umyalelo ukuthi le moto ibe semgaqweni inje bazothathelwa izinyathelo ngaphakathi.

Khonamanjalo, zimb’indaba kumasela abanjwe oqotsheni ethutha izintambo zecopper abazitshotshela uhulumeni wakuleli.

Laba basolwa abathathu babanjwe ngoMsombuluko, ePinetown bethutha inyanda engabiza isamba semali engango R800 000.

Omunye umsolwa utholakale ehlome ezingovolo ngomkhono wekati olayisha izinhlamvu ezingu-18.

Lo mkhankaso omungabuzwa ukuthi uthele izithelo ezinhle ubuqhutshwa iDPCI Port Shepstone, SAPS Economic Infrastructure Task Team, Durban Flying Squad, Metro Police Drug Team, PRASA, Telkom noMaapala weTheku.

Laba basolwa babhekene nohide lwamacala okuhlanganisa ukucekela phansi impahla . Kulindele ukuthi bavele enkantolo kungekudala.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button