
Lishonele esibhedlela ‘iblesser’ elalishade noKhanyi Mbau
Sphumelele Mjaja
Usemanzini umndeni kalowo owayengumyeni kasaziwayo wakuleli uKhanyi Mbau.
UMandla Mthembu ubedume ngokuphila impilo yobukhazikhazi futhi ethandana nomlingisi uKhanyi akasekho emhlabeni.
Udlule emhlabeni ngeSonto, ngo-September 21 eneminyaka engu-68 ubudala.
Umndeni wakhe ukhiphe isitatimende ngoMsombuluko, ngo-September 22, uqinisekisa ukushona kwakhe.
“Kuyadabukisa kakhulu ukuthi siqinisekise ngokushona kukaMnuz Mandla Elliot Mthembu ubengusomabhizinisi ohlonishwayo.
Siqhubeke sathi ubeyilungu isikhathi eside kwi-African National Congress (ANC)”, kubhalwe kwisitatimende.
UMthembu ungeniswe esibhedlela ehlaselwe isifo sohlangothi ngeshwa siphinde sagadla futhi nokuholele ekutheni kugcine ngokumenela.
UMthembu wayaziwa njengomuntu obenetshisekelo ekusunguleni amabhizinisi eNingizimu Afrika, kanye nokuzibophezela kwakhe kwi-ANC.
Umndeni wakwaMthembu ucele ukuba unikwe isikhathi ngasese ukuba wodwa njengoba usezinhlungwini zokulahlekelwa ubaba, ubhuti nomngane.
Imininingwane eyengeziwe mayelana namalungiselelo esikhumbuzo izokhishwa ngesikhathi esifanele.
“Imininingwane mayelana namalungiselelo esikhumbuzo izokwabiwa ngesikhathi esifanele.
“Sibonga umphakathi ngokuqonda nokusekela kwawo”, kusho isitatimende.
UMandla njengoba wayesaziwa njengomuntu ophila mpilo yobukhazikhazi kuthiwa umcebo wakhe washabalala okwamazolo ebona ilanga emuva kweminyaka.
Lokho kwaholela ekutheni kugcine kudliwa izimpahla zakhe nabakwezindaba bese kuyindaba egudwini ukuthi udonsa kanzima kwezezimali.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



