Ezokungcebeleka

Ligqashukile igoda phakathi kwaPenny Ntuli noBMW 

Bahle Mkhize

KUPHELILE obekuhlanganise umsakazi weJozi FM uPenny Ntuli nenkampani yakwaBMW ePinetown.

UPenny Ntuli selokhu waba sematheni kunezinguquko emisakwazweni ngo-Ephreli enqaba uR2800 ayewunikwa iGagagsi FM wathi awumfanele.

Le ntokazi ibetetemuka ngengqovungqovu ya-2023 BMW Competition Coupe kusukela ngonyaka odlule.

Ngosuku ayithola ngalo wabhala kanje ku-Instagram: “Ngiyabonga BMW, Pinetown ukuqaphela inganyana yentombazane ezinkundleni zokuxhumana nase niyigixabeza ngeBMW Competition Coupe”

NgoLwesine ucele ukuthi amagaraji eseGoli angenele amxhase ngemoto, yena uthi uzoza nezinamba zabantu.

“Sengicela ukuqoma ngala kwandonga ziyaduma ngoba okade ngikuhlanganisile noBMW ePinetown akusekho. Kulawo magaraji adinga ubudlelwane noma inxusa yimina okulungele lokho njengoba ngiza nezinombolo eziningi zabantu ekudayisweni kanjalo nasekudayisweni yonke indawo okubalwa iJHB, KZN neNorthen Cape.

NgoMeyi 8 iPurpose yabika ngokusinda kwakhe ngokulambisa engozini yemoto eyamehlekela.

Le ngozi ecishe yathatha impilo yakhe yenzeke emgwaqeni uthelawayeka uN3, eBoksburg ngesikhathi kuqathaka isigodo elolini liqonda ngqo emotweni yakhe.

UPenny wabe esebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi unqume ukunyusa imoto yakhe ayise eGoli esuka eKZN, eThekwini ngoba useqala ukujwayela indawo kanti kuzokwenzeka ingozi.

“Lapho ukube sike sanyathela ama-brakes, ngiyazi bekukhona ebezizosingena ngemuva. Ukuba ngike ngazama ukulivika ugodo ngaya ku-slow lane bengizozifaka kwenye imoto. Iyodwa into ebengingayenza laphana ukuyoziphosa etshanini. Noma ngabe ngenzeni ibizolimaza imoto. Kodwa akulimalanga muntu, sengibonga lokho”, kusho uPenny.

Related Articles

Back to top button