Ezokungcebeleka

Kuzobe kuphithizela osaziwayo emcimbini wengqephu omkhulukazi eGoli

Sane Mseleku

Intaka izobe ibekelwe amazolo emcimbini ongundabamlonyeni iSA Fashion week, eMall of Africa, eGoli, kusukela ngomhlaka18-20 kule nyanga.

Inhlosongqangi yalo mcimbi wengqephu ohlelwa iL’Oreal Paris ukuhlonipha abesifazane abanohlonze emikhakheni eyahlukene emphakathini.

Lo mcimbi uzohanjelwa osaziwayo besifazane okubalwa kubo uBonang Matheba, Thembi Seete, Miss SA, Natasha Joubert nabanye.

Usaziwayo wakuleli uThuso Mbedu ube owokuqala ukuqokwa ukuba umkhulumeli weL’Oreal Paris’ eSub-Saharan Africa.

Lombukiso uzoba sezingeni yeminye imicimbi emikhulukazi ye L’Oreal Paris okubalwa kuyo iDefile Runway Show eyenziwa ngesikhathi seParis Fashion Week. Kuzobe kweyokuqala enkulukazi kuleli.

“Sengibe nenhlanhla yokwenza umsebenzi engiwuthandayo iminyaka engamashumi amathathu. Ngijabule kakhulu ukuhlanganyela noL’Oreal Paris’ kulo mcimbi weSA Fashion Week. Indwangu ngayinye yengqephu izovuselela impilo nobuhle balabo abozobe beyigqokile. Sengijahe kabi ukubona abantu bedle ingqephu kulo April,” kusho uBiji kwiSunday World.

IMarketing manager yeChampion women empowerment kaL’Oreal Paris’ u-Ayanda Mackay uthe bayajabula futhi bazoqhubeka nokugqugquzela abesifazane kwazise kuyisibusiso ukusebenzisana nabo.

“Siyajabula futhi sijahile ukubona lo mcimbi omkhulukazi wekhethelo kuleli lizwekazi lethu,” kusho u-Ayanda.

Related Articles

Back to top button