
Kuvuke iminjunju kugwetshwa (85) inkabi eyabulala uMagaqa
Igwetshwe iminyaka engu-85 inkabi eyabulala lowo owazakhela udumo njengo nobhala wophiko lwentshwa kuzwelonke uMnuz Sindiso Magaqa.
USibusiso Ncengwa owalahlwa ilo leli cala emva kokuba alivume ngokwakhe itulo ugwetshwe iNkantolo eNkulu yase Mgungundlovu ngoMsombuluko.
UMagaqa wayephinde abe yikhansela kuMasipala wase Mzimkhulu.
UNcengwa ophinde walahlwa icala lokukhanda itulo lokubulala uMagaqa wathola iminyaka engu 25.
Waphinda wathola iminyaka engu-5 ngokuzama ukubulala, wagixabezwa ngeminyaka emithathu ukucekela phansi impahla.
Eminye emihlanu kwicala lokuphatha isibhamu esiwumshintshi ozishintshayo kwangezwa eminye emihlanu yokuphatha isibhamu ezingekho emthethweni kanye nemithathu yozinhlamvu.
UMnuz Lwazi Magaqa obhale isitatimemde ngokudlula emhlabeni kuka mfowabo the umama wabo ubengakaze athole ukwalulekwa ngokwengqondo emva kokusocongwa kwendodana yakhe mhla zingu-17 kuJulay ngonyaka ka-2017.
Uhe emva kwalesi sigameko unina ubehlezi evukelwa umunyu njalo uma ebona umfanekiso wendodana yakhe kuthelevishini.
Ngokuvezwe iNkantolo ngosuku abulawa ngalo uMagaqa wayepake eduzane netuckshop.
Yena namanye ama khansela babehleli emotweni.
Nakuba wathola ukulimala ngaleso uMagaqa kodwa kwabe sekumenela esibhedlela.
UNcengwa waveza ukuthi yena kanye nomunye ababesebenza naye bakuhlela ukusocongwa kuka Magaqa.
“Salandela imoto kwaze kwafika isikhathi sokuba sibone ithuba elanele elokuba kudutshulwe”
“Ngesikhathi sibona umufi nalabo ababehamba naye ngadubula ngiphindelela ukuze ngiqinisekise ukuthi uyafa,” kuloba uNcengwa.
Uthe baphinde bashisa enye yezimoto ngophethiloli ukuze kucinywe ubufakazi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



