Ezemidlalo

Kusebenze amaqhinga abadlali iPirates inqoba ngoqhwasha

Ukaputeni we-Orlando Pirates uveze ushintsho oluncane abalwenze bona njengabadlali enkundleni olusizwe iqembu liqoqe amaphuzu amathathu.

I-Orlando Pirates ishaye iSiwelele FC ekuhambeni eBloemfontein ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Bekungewona umdlalo obulula kuwo womabili lamaqembu, futhi negoli lingene sekusele ngaphezulu kancane kwemizuzu eyishumi uphele.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMbokazi uveze ukuthi kube wukuzinikela ngokwedlulele, nokwethembana okubawezile kulo mdlalo.

“Siyabonga ngokunqoba namuhla. Sibonga nokuthi amajita angalilahli ithemba yize amathuba besingenawo kahle.

“Siqhubekile nokulokhu sizama futhi ukubambisana kwethu yikhona okusenze sakwazi ukunqoba,” kusho uMbokazi.

“Uma kungahlangani, singalitholi ithuba lokushaya igoli… Uma sihlangene ngokomoya, ayikho into engeke yenzeke.

“Kusisize kakhulu ukuthi sihlangane, sazi ukuthi yini into esiyifunayo kulo mdlalo. Yikho okwenze siwuthole lo mphumela.”

Igoli le-Orlando Pirates lishaywe ngu-Oswin Appollis obengene ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

URelebohile Mofokeng ushaye enhle iphasi phakathi kwabadlali beSiwelele, u-Evidence Makgopa wayidlulisela ku-Appollis obe esededela ishodi elidla utshani layokhalakathela enethini.

“Kube yigoli elihle ngoba kuthe uma umdlalo usuyophela, singawatholi amathuba okushaya igoli sakhuluma…

“Sithe okungcono asibazame ngaphakathi ngoba uma sibuya ezimpondweni asiwatholie amathuba.

“Yiyona ke leyonto esisizile ngoba ngamabhola agotshiwe besingeke sikhone ngoba sinabadlali abafishane abahlaselayo.

“Okusisizile wukuthi siye ngqo kubo ukuze sikwazi ukubagqobhoza,” kuchaza uMbokazi.

Le wini ithathe iPirates yayibeka endaweni yesine kwilogi, kanti iSiwelele yona yehlele endaweni ka-15.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button