Ezezimoto

Kunxenxwa abashayeli babuyise izimoto zakwaFord 

Ngeney’ntwen Mkhize

Sekuhlatshwe ikhwelo lokuthi kubuyiswe zonke izimoto ezikhiqizwe iCompany of Southern Africa (Manufacturing) (Pty) Ltd (FMCSA) ezingase zibeke izimpilo zabantu engcupheni.

Kunemikhiqizo eminingi okuthiwa ithintekile okubalwa iFord eyakhiwe phakathi kwa 2024 no-2025.

Kulesi zimoto kuvele ukuthi inkinga inama-airbags.

Izazi zithi esihlalweni somgibeli ngaphambili kunenkinga yokuthi ayikho esimweni ngaleyo ndlela kumele ishintshwe.

Ngaphansi kwezimo ezijwayelekile uma ushayela ngeke ukuqaphele lokhu kodwa mhla kwenzeka ingozi i-inflator okuyiyo ekhipha umoya ayiwudedeli ngendlela elindelekile.

Zinhlanu izimoto okuthiwa zithintekile eNingizimu Africa.

Kucelwa bonke abashayeli balezi zimoto ukuthi baxhumane namagaraji ukuze bahlele ukuthi bazibuyisa nini lezi zimoto zixilongwe.

Akukho mali ezokhokhiswa amakhasimende ngale mpicabadala.

IFord Mustang yona kuthiwa inenkinga yomfutho ofanele kwifuel pump.

Nakuyo inhlangano iFMCSA isihlabe umkhosi ngezokuphepha kuyo.

Kudingeka kubuyiswe iFord Mustang eyakhiwe phakathi kwa-2021 no-2022.

IFMCSA ihlonze ukuthi izimoto ezithintekile zingana nenkinga yokulahlekelwa umfutho kugazolo nokugijima kwalo ethangini ngenxa yomfutho omncane kwi fuel pump.

Sezizonke izimoto ezithintekile eNingizimu Africa zingu-330, zimbili eNamibia kuthi eBotswana ibe yinye.

Uma ama khasimende efisa ukuthola ukuthi akathinteki yini kule nkinga esihlonziwe balulekwa ukuthi bavakashele kuwww.ford.co.za/owner/recalls/ bese befaka inombolo yeVIN bangakwazi futhi ukubheka kwiFord Pass App noma bashayele ku-0860 011 022 / +2712 843 5824.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button