Izakhamizi zaseThekwini namaphethelo zizoya kovota zinuka phu!
Liyah Mseleku
BANGASE baphoqeleke abantu abakhele iTheku ukuyovota benuka phu bengagezile ngenxa yokunqamuka kwamanzi osekuphele izinsuku.
Abantu bakuleli dolobha bathi amanzi abasawazi kunuka indle ezindlini zawo.
UZanele Mthethwa usesabise ngokuncisha ivoti iqembu elibusayo kusasa.
“Nilindele ukuthi sivotele i-ANC. Woza mhla ka-29 sivote. Elami ivoti ngeke nilinuke nolizwa ngendaba,” usho kanje.
UNkule Dlamini naye uyisongelile i-ANC kuFacebook wathi: “Sekuphele amasonto amathathu singenamanzi okusho ukuthi asibonane ngoLwesithathu,” usho kanje.
“Sekuphele amasonto amabili singenamanzi eNanda Newtown C ngasemtholampilo asazi konakelephi. Sithwele kanzima kusukela ngo-2021 Ephreli sijahana namanzi kumaloli sesikhathele,” kukhala uMshibekazi Kayo.
Umkhandlu wakuleli dolobha usukhiphe isitatilende uxolisa ubeka nezaba ezidaba ukuthi kushode amanzi.
Umkhandlu uthi ithimba labasebenzi lisebenza ubusuku nemini ukulungisa umonokalo.
“Ukuphampwa kwamanzi kwathikimezeka ngomhla ka-26 Meyi ngenxa yokushoda kwagesi lapho kuhlanzwa khona amanzi eManzimtoti Water Treatment. Nokho ugesi usukhona nokusebenza kokuhlanzwa kwamanzi sekuqalile. Siyaxolisa ngomonakalo odalekile,” kubhalwe kwisitatimende.
Izindawo ezithintekile kubalwa i-Athlone Park, Ezimbokodweni, Amanzimtoti CBD, Almond, Kingsburgh, Doonside, Panorama Park, Mgobhozini, Mfume, KwaSoni, Mashiwase, Nkwali, Lovu, Bhekulwandle, KwaMakhutha, Mkhazini, Ezimbokodweni, KwaFakazi, KwaMgendwa, Mahlathini, Ohlongeni, eKuphileni, Adams Mission, Umnini, Magabheni, Ehlanzeni, Thoyane, Illovo Beach, Umkhomazi, Craigeburn, Amahlongwa, Amalundi, Crowder Farm, uMlazi V-Section, uMlazi Mission A, Isiphingo Beach, Isiphingo Hills, Orient Hills, uMlazi T-Section, Ezimbokodweni, Malukazi, noMlazi kwa-U Naka Y Sections.