Izindaba

Ingqayizivele yethuba kubabhali bezincwadi kwiDurban Film Office

Sane Mseleku

IDurban Film Office izogadla ngosaziwayo abazobe bechaba indlela ohlelweni olusha, futhi oluhlukile lokushintsha izincwadi zenziwe amafilimu njenge ngxenye ye-Articulate Africa 2024.

Abashuthi bamafilimu, abaqophi kanye nababhali bezincwadi bamenyiwe ukuba bahlanganyele nochwepheshe balo mkhakha kwizingxoxo zokubonisa nokufundisa ukuthi izincwadi ziphendulwa kanjani zibe amafilimu nemidlalo yethelevishini.

Kuzobe kuqukethwe ababhali abaphambili okubalwa kubo uDudu Busani (The Wife series), Cynthia Jele (Happiness is a Four-Letter Word), Angela Makholwa (Red Ink edlala kwi Showmax okwamanje) kanye noGugu Kunene, odume ngezitori zase msakazweni uKhozi FM.

Uhlelo luzobe luphethwe uMxolisi Majozi odume ngelika Zulu Boy (Magiver). Izingxoxo zizobe zikhava izihloko eziningi eziphumelelisa izincwadi nababhali, ukungenelela kombhali, izindlela zokubhala, ukukhulisa umlingisi, umlandisi wendaba, ukwazi ngamasiko kanye nokwazi okulindelwe abalandeli nokunye okuningi.

Lezi zifundo zizonika izihambeli amathuba amaningi futhi ahlukile okuthi bafunde kabanzi kochwepheshe balo mkhakha baphinde bathole ithuba lokuxhumana nabanye ababhali nochwepheshe.

Kulindeleke ukuthi abantu abakhele iKZN ikakhulukazi iTheku baphume ngobuningi babo. Leli thuba elingqayizivele lizovulela abantu abaningi imisebenzi.

Related Articles

Back to top button