IMamelodi Sundowns izitapele amaphuzu kwiSikhukhune ngabangaziwa
IMamelodi Sundowns iwuntshontshe ngesikimu esihlukile umdlalo inqoba iSekhukhune ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ebusuku.
Ngokubika kweMpempe abadlali abaningi ibongele ukubhekana ne-Esperance yaseTunisia, emdlalweni womlenze wesibili weCaf Champions League, eLoftus Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.
Nokho lokho akubonakalanga nhlobo njengoba Abafana Ba’Style beqale umdlalo ngegiya eliphezulu, behlasela iBabina kuvalwe amehlo.
Kugcine konakele ngomzuzu wesibili ngesikhathi uTashreeq Matthews elibeka phakathi, yahamba phambili iSundowns.
UMatthews uzwakalise ukujabula ngokudlala imizuzu engu-90, ugcine oqokwa njengomdlali ovelele bebhekene kulo mdlalo.
“Ngiyijabulele kakhulu imizuzu yami engu-90 yokuqala (kwiSundowns),” kusho lo mdlali obedlala umdlalo wakhe wesibili.
“Konke ukubonga kumele kuye kozakwethu. Sisebenza kanzima sonke.
Umqeqeshi wazi kahle ukuthi sibahle kuphi ngakho kumele sikholelwe eqhingeni lethu.” kulandisa yena.
Ayizange iyeke ukuyobuza ukuthi kuvaliwe ngempela yini endlini yeSekhukhune.
Ngomzuzu wesikhombisa ubuyile uThapelo Morena washaya igoli lesibili.
ISekhukhune izamile ukubhukula ngemuva kwalokho. Lokhu kuze kwaholela ekutheni kulimale unozinti uDenis Onyango, okuphoqeleke ukuthi akhishwe.
Indawo ka-Onyango ithathwe uJody February, ofike wenza kahle kakhulu evimba amabhola amabili abeza neSekhukhune.
Nokho ngesiwombe sesibili akukho abengakwenza okutheni uFebruary njengoba edliwe yiphenathi kaChibuike Ohize ngomzuzu ka-50.
Umdlali obedlale kabi ebhokisini leSundowns kube uBrian Onyango, ogcine ekheshiwe.
Ukuwina kweSundowns kuyenza ibe yiqembu lokuqala emlandweni wePremier League PSL ukungehlulwa emidlalweni engu-22 yeligi.
Abafana Ba’Style sebedinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukuze babe ngompetha bePremiership okwesikhombisa kulandelana. Basalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili.