Ezokungcebeleka

UDJ Sbu nenkinga yokuphuza utshwala ngokweqile

Bahle Mkhize

UMSAKAZI weRadio 2000 uSibusiso “DJ Sbu” Leope uthi ubesengene shi otshwaleni ngenxa yezinkinga zemali. Ubevula isifuba emoyeni okokuqala ngqa ngoLwesithathu ngale nkinga athi ubebhekene nayo ngesikhathi engasebenzi.

“Ngibe nezinkinga ngesikhathi ngingasebenzi ngikhumbula ukuthi kube nzima kakhulu phakathi konyaka u-2015 no-16. Angikholwa ukuthi sekuphele iminyaka engu-9. Into ebengiyenza ukuphuza njalo iwayini uma ngilala. Ngikwenze lokhu ngenxa yengcindezi. Kubambe isikhathi ngathi ngibuka ingane yami yokuqala ngathi ngeke ngiyayeka manje ukulokhu ngiphuza,” usho kanje.

Uzakwabo uNathi “Mam Sgebengu” Ndamase ubuzile ukuthi kwakuseyikho yini ukubanjwa ingcindezi ngesikhathi eba sematheni ngokuhamba egona izihlala. Kumane kwathi ngqokotho bephela insini estudio kodwa uSbu uphendule ngokuthi yebo.

Lo msakazi uthe akazogeqa amagula sengathi uyemuka ngoba uzothetha umawakhe kwazise kunencwadi ezayo azobe ekhuluma ngazo zonke lezi zigigaba.

UDJ Sbu ubeseneminyaka eyishumi axoshwa iMetro FM, akahlalanga wagoqa izandla kodwa waphusha isiphuzo sakhe iMoFaya. Waphinda wavula nesiteshi somsakazo. Kuthe kusenjalo waphinda waqamba iPodcast yakhe. Uthi bekwenzeka konke lokhu ubenezinkinga zezezimali. Uthi kodwa ubekufihla lokho. Unxuse abantu ukuthi baphumele obala ukuze basizakale.

Related Articles

Back to top button