Izindaba

Ezishaqisayo ngesimo somqondo kowePiano

Sphumelele Mjaja

Umculi waMspiano uTebogo G Mashego bathi usephithanyelwa ikhanda ngemuva kwevideo osabalele enkundleni zokuxhumana efakwa ngendluzula evenini yamaphoyisa.

UTebogo uneminyaka engu-23 ubudala odabuka eTswane usematheni kulezi zinsuku ngemuva kokubuya eNigeria nalapho athi ozakwabo bebefuna athwale.

Ezinsukwini ubekhuluma bulhoma ezinkundleni zokuxhumana eshiya angalazi ngamagama okubalwa elikaDJ Maphorisa.

Ngokwe-Justice, Crime Prevention and Security Cluster, uTebogo akazange aboshwe.

Kuthiwa wasuswa emphakathini ngoba eswphenduke inhldlavini engasabambeki okuyingo ebingamukelekile endaweni ehlala abantu.

Mayelana nevideo osabalele iDaily Sun ixhumane nomkhulumeli we-Gauteng SAPS uDimakatso Nevhuhulwi,

Uqinisekisile ukuthi amaphoyisa abamba iqhaza elikhulu ngosuku lwesigameko esenzeke ngoLwesithathu mhla ka-24 Septhemba.

“Umsolwa kubikwa ukuthi wayenobudlova futhi ehlasela abantu ngaphandle Westmeath. Ngakho-ke amaphoyisa kumele amphonse emotweni yamaphoyisa. Wadluliselwa esibhedlela sendawo ukuze ahlolwe ngodokotela,”

Omunye wabahlaselwe usevele wavula icala lokushaywa. Uphenyo lwamaphoyisa ngalolu daba kuyaqhubeka,” kusho uDimakatso.

Izithombe ezifakazela kabanzi ngesenzo sika Tebogo zisabalele ezinkundleni ezifana neTikTok neX.

Ziveza uTebogo ekhombisa ubundlavini okukhulu eboshwa futhi efakwa evenini yamaphoyisa.

Ngenkathi abalandeli bekhathazekile ngempilo yengqondo yalo mculi wenoni esihloko sithi Biri Marung

abanye bafuna abekwe icala ngalezi zigameko.

Uphenyo lwamaphoyisa ngecala luyaqhubeka.

Related Articles

Back to top button