Izindaba

Bebexabana bodwa abasolwa (5) ababulawe amaphoyisa eNtuzuma

Bahle Mkhize

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal asedubule abulala abasolwa abahlanu eNtuzuma, enyakatho yeTheku.

Ngokombiko wamaPhoyisa kuvela ukuthi abelandela ulwazi ngabasolwa okuthiwa bahamba ngezimoto ezimbili ngokwehlukana. Ulwazi luqhube ngokuthi labasolwa bebehlela ukuyobamba inkunzi ibhizinisi thizeni kwaMashu.

Kuthiwa abasolwa ababili bebepake izimoto zabo ekhoneni lomgwaqo uMdubu noMelusi.

Kusolakala ukuthi labasolwa bebexabana bodwa nokuholele ekutheni badubulane. Amaphoyisa kuthiwa afike zivele zikhala nokuthe uma elamula imibhobho yezibhamu yabhekiswa kubona nabo baphindisela kwafa abantu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa afice labasolwa bexabana, nokuthe uma ezama ukubalamula, bavele badubula bebhekise emaphoyoseni.

Uthe abasolwa ababili abalimele badle phansi kanti basabathungatha.

Related Articles

Back to top button