Ezokungcebeleka

UDJ Sbu ulaxaze umsakazo owamcosha engatohozi

Phila Luthuli

UDJ Sbu ongomunye wabasakazi abangaconsi phansi eNingizimu Africa uyishiya phansi iRadio 2000 emuva konyaka owodwa vo.

USbu ushayela uhlelo lwasekuseni iThe Big Breakfast Show phakathi nesonto kulo msakazo osakazela e-Auckland Park, eGoli ukhiphe isitatimende esho ukuthi usebheke inselelo entsha empilweni.

USbu ujoyine iRadio 2000 ngo-Ephreli wonyaka odlule.

NgoMsombuluko ekuseni ukhiphe isitatimende ethi isinqumo sokushiya usithathe inkontileka yakhe ingakapheli ngoMashi 30.

“Isinqumo asibanga lula ngoba isikhathi engisichithe kwiRadio 2000 ngithole amava amakhulu, yizinto engingasoze ngazikhohlwa nenjabulo yokuxhumana nabalaleli. Ngiyabonga kakhulu ngokwesekwa engikuthole kozakwethu, abaphathi kodwa kakhulu kubalaleli bethu abathembekile,” kubhala uSbu.

Phakathi kwezizathu azibekile kukhona nesithi ulungiselela ukwethula uhlelo lwasekuseni kwenye indawo kusuka ngo-Ephreli 1. Uphethe ngokufisela iRadio 2000 impumelelo eminyakeni ezayo.

USbu usesakaze eziteshini eziningi okubalwa iYFM, uKhozi FM, Massive Radio, Radio 2000 nezinye.

“Livukile idlozi. Thokozani bantu abadala. Akadunyiswe uNkulunkulu. Ngiyasayina namhlanje, ngibonga bonke abebengidonsela phansi kuleminyaka edlule. Ngibuyile emsakazawni omkhulu, ohlelweni lwasekuseni, bese nginikhumbulile bafwethu,” wabhale kanje uDJ Sbu ejabulela ekusayina inkontileka neRadio 2000, ngaphansi kweSABC ngoMashi nyakenye.

Kuzokhumbuleka ukuthi sekusemome ukumenyezelwa kwezinguquko emsakazweni eminingi yakwaSABC.

Related Articles

Back to top button