
Oxoshwe uKhozi FM ulineke ezinkundleni zokuxhumana
Liyah Mseleku
Zimapeketwane izinto oKhozini FM njengoba obengumdidiyeli omkhulu wezinhlelo kulo msakazo owuneke ezinkundleni zokuxhumana.
UZandi Wardle, usephumele obala wageqa amagula ngokuchithekelwa iphalishi kwakhe.
Uthi ubephila ngokuhlukunyezwa kulo msakazo ngesikhathi esatohoza khona.
Kwi-video eyimzuzu engamashumi amabili ayiqophe wabe eseyisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ubebalisa aze abe nesibibithwane.
Ukhuluma nje uthi lolu daba useludlulisele kwaCCMA.
Ukhala ngokuhlukunyezwa okuvela kozakwabo, ngaphakathi kuKhozi FM nakwa-SABC.
Uthi isono sakhe kwaba ukuzikhandla nokwenza umsebenzi wakhe ngokuzinikela.
Uthi okwamphatha kabi kakhulu kwaba udaba olwashicilelwa i-Sunday World eyayikhuluma ngempikiswano yangaphakathi, yafaka nesithombe sakomkhulu le-SABC, e-Auckland Park.
Ngokubona kwakhe, lokhu kwakuyindlela yokumdicilela phansi futhi kwenza i-SABC imbone njengomuntu oyi “high risk”.
Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi esebenzela ekhaya, washelwa umuzi nezimpahla zakhe kulandela ucingo aluthola komunye wabaphathi boKhozi FM.
Uvale le video ngomyalezo wokuthi uma uhlukumeza umuntu, kufanele ukhumbule ukuthi awuhlukumezi yena kuphela, kodwa uhlukumeza nomndeni wakhe.
UKhozi FM belingakathi vu ngalezi zinsolo.
Ezinsukwini uWardle unxenxe abalandeli bakhe ukuthi bacele umphathi woKhozi uLwazi Mthabela ukuthi akayeke ukumlandela njengoba ubegcina wonke amavideo abewaqopha kuTiktok.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



