Izindaba

UPhakela imbongolo efutha amakhala: Ngizwe

Aphelele Cebekhulu

UNgizwe Mchunu ubize uPhakel’mthakathi abefolosa naye kuxoshwa abantu bokufika abangenamaphepha ngembongolo efutha amakhala.

“Into ebalulekile yiqiniso, mina sengihambele amazwe angaphezulu kwa-68 umhlaba jikelele. Uma ungabuza ukuthi wake wayaphi uPhakela akazi ngisho eMozambique. Imbongolo efutha amakhala nje”

“Uma ungabuza uJacinta, uyakhishwa uwumuntu okhishwayo kuthiwe asiye eDubai. Manje ungangiqhathanisa nalabo bantu, mina ngihlale emazweni angaphezulu kwa-68. Ngiyabazi ubudlelwano bamazwe,” usho kanje kwiBhinca Nation Podcast.

UNgizwe uzifaka zonke enyameni nje kulandela enye ivideo ayiqophile ezinsukwini engaphezudlwana kwemizuzu emibili emva kokuhoxiswa iMarch and March ngoba imsola ngokuthile.

“Nakuba singakuzuzile konke kodwa ngeke sahlale simasha, iqiniso lonke iqiniso lodwa. Iqiniso ngoba asinayo inhloso yokuwisa umnotho. Ngikhuluma lokho njengengwevu futhi njengomuntu okwaziyo ukuboshwa,”

“Abafwethu esihola nabo lento udadewethu uMaNgobese nomfwethu uPhakela abalazi ijele futhi bangaphansi kimina. Bajatshuliswa yikho konke, ukuba semehlweni abantu nokuba ondabamlonyeni,” kugadla uNgizwe.

Ukhuluma kanje uNgizwe le nhlangano, inqume ukumisa ukusebenzisana noMchunu.

Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe iMarch and March ngoMsombuluko kulandela izinkulumo nezinto ezidinga ukuphenywa.

Inhlangano inqume ukuzihlukanisa noMchunu ukuze ivikele isithunzi sayo, njengoba kuqhubeka uphenyo olumayelana nezigameko nezinkulumo zakhe zakamuva.

Phambilini iMarch and March noMchunu bebelokhu behola imikhankaso nemashi ehlukene ezweni.

Ukumiswa kwaMchunu kuveza ukuthi kukhona ukushayisana ikakhulukazi nomsunguli wayo uMaNgobese-Zuma.

IMarch and March ithi okwamanje ngeke isasebenzisana noMchunu.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button