Izindaba

Ligaye ngomunye umhlathi kuMatlala enkantolo

Ligaye ngomunye umhlathi esivumelwaneni sokuzilahla ngamacala kwaVusimuzi “Cat” Matlala (49) eNkantolo yamacala ekhethekile yezohwebo ePitoli ngoLwesithathu.

Phambili abammeli balo mkhwabanisi  babephakamise ukuthi agqumywe ejele okungenani iminyaka engu-8.

Namhlanje kushintshile ukudla epletini inkantolo yaphakamisa ukuthi makabhadle ejele okungenani iminyaka engu-12.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMatlala uvume amacala aboshelwa wona mayelana nethenda ayithola kwiSouth African Police Service (SAPS).

Wayethole ithenda kaR228 million eyagixabezwa inkampani yakhe, iMedicare24 Tshwane District.

Emuva kokuthi icala lakhe lilokhu liphuma lingena enkantolo ugcine evumile ukufakaza njengofakazi wombuso.

Lokhu kusho ukuthi ophenyweni oluqhubekayo kulindeleke ukuthi anikeze ubufakazi nokuzokwenza ukuthi aphenye ibheshu abanye abasolwa abathintekayo.

Abasondelene naye sikhuluma nje bazulelwa amanqe kanti abanye abasabulali ubuthongo.

Nazi ezinye izizathu inkantolo ezeseka ngazo ukushintsha isigwebo.

• Ukukhwabanisa: iminyaka eyi-15 yokuboshwa, iminyaka eyisikhombisa yayo eimisiwe ngaphansi kombandela wokuthi uMatlala: Ufakaza kuzo zonke izinqubo zesikhathi esizayo ezihlobene nalolu daba.

Unikeza ubufakazi obugcwele, obuyiqiniso nobuqotho, futhi akenqabi ukufakaza noma ukuhoxisa noma yiziphi izitatimende zangaphambilini.

• Inkohlakalo: iminyaka eyi-10 ejele, lesi sigwebo sizohambisana nalesi seminyaka eyi-8 yesigwebo sokukhwabanisa.

• Ukushushumbisa kwemali: iminyaka eyi-10 ejele, naso sizohlanganiswa nezigwebo esezibaliwe.

Sekukonke, iMantshi ithe uMatlala kumele agqunywe ejele iminyaka engu-12 engaphakathi.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-13 July 2026 njengoba abammeli bakhe befuna ukuhlangana nombuso ukudingisa lesi sigwebo esisha esethulwe yiMantshi.

Related Articles

Back to top button