
UZuma ezinsolweni zokuthela uparaffin emlilweni ngabokufika
UNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, usole owayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uJacob Zuma, kanye nabalandeli beqembu le-uMkhonto weSizwe Party (MK Party).
Izinsolo ezibhekiswe kubo ukuthela uparaffin emlilweni njengoba kusondela umhla ka-30 June.
Ukusho lokhu njengoba zizwakala izwe lonke izigidi zokhukhulela ngoqo wemibhikisho ehlelelwe kulo lonke leli.
UMbalula uxwayise ngokuthi osopolitiki akufanele basebenzise ukukhathazeka komphakathi mayelana nokufika kwabantu ngokungemthetho ukuze bazuze ukwesekwa kwezepolitiki.
Uthi ukukhuluma budlabha kungaholela odlameni futhi kubeke izimpilo zabantu engcupheni.
Lokhu kuza ngesikhathi izinhlangano eziphikisana nokufika kwabantu ngokungemthetho ziqhubeka nokucindezela uhulumeni ukuthi athathe izinyathelo eziqinile.
Abantu bokufika sebeqalile ukuthutha kuleli abanye sebevele basemazweni wabo kusukela emasontweni ambalwa edlule ngenxa yokwesaba udlame nokwesatshiswa.
UMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, usanda kwethula inkulumo yesizwe, ecacisa ngezinhlelo uhulumeni onazo ukuqinisekisa ukuthi bayabhekana nenkinga yabokufika abakuleli ngokungemthetho.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Firoz Cachalia, esithangamini sabezindaba, udalule ukuthi uMnyango wamaPhoyisa usubeke uR600 million, ukubhekana nosuku lwangomhla ka-30 kuJune, njengoba kunabathile abasola ukuthi kungase kube nodlame.



