
Impi kaMalema noNgizwe komunye umzuliswano
Sihle Mkhize
Umholi we-Economic Freedom Fighter (EFF) uJulius Malema ufuna uNgizwe Mchunu abhadle ejele okungenani izinyanga eziyisithupha.
Akasafune nhlawulo futhi noxolo eyelwenze kuye uthi akalemukeli.
Kuphoqeleke ukuthi uNgizwe ayovela ePolice Station eseGoli ayothola kabanzi njengoba kulalwe ngoMsombuluko kusabalale izindaba zokuthi uzinikele emaphoyiseni.
UMchunu uthi udaba uselidlulisele kubammeli.
Ekhuluma noZoso uthe uMalema njengoba agwetshwa yinkantolo ngecala lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleli uyabona ukuthi ufuna ukuba ayomendlalela ejele.
UNgizwe uthi uyabona ukuthi konke lokhu okwenzekayo inhloso ukuphazamisa izinhlelo zangomhla ka-30 June.
Eyokuthi wabuye waginqela amatshe ebheke ngakuMalema emva kokuxolisa uyiphikile wama ngentaba leyo.
Wathi ngisho nomfazi alala naye uyamazi uma esexolisile.
Unxenxe abantu baseNingizimu Africa ukuba bameseke.
UMchunu ungena kulolu talatiya nje wasola uMalema ngokwamukela uR60 millions kubantu base Nigeria.
Kuyaziwa ukuthi uMalema ulwisana nabantu baseNingizimu Africa okubalwa iMarch and March njengoba befuna kuxoxshwe abokufika abangenamaphepha kuleli.
Impi kaMalema noNgizwe ayiqali namhlanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi zake zabambana kwashunqa uthuli nokwaholela ekutheni uMalema anyundele uNgizwe enkampanini yezimoto eyayimxhasile iJAC.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



