Izindaba

Ababulali bathathe umphefumulo bashiya iMercedes

Lishonele endaweni yesigameko iphoyisa elidutshulwe ngaphandle komuzi walo eWitbank eMpumalanga.

ULieutenant Colonel Fana Simon Maseko udutshulwe abasolwa abangaziwa engena nje emzini wakhe.

Ngokombiko weZomphakathi Newspaper uveze ukuthi uMaseko udutshulwe esemotweni yakhe yohlobo lweMercedes-Benz maduze nomuzi wakhe e-Ackerville.

Udutshulwe oshayasbhamu ababili amahlandla amaningi wahlonzwa njengoshonele endaweni yesigameko.

Imibiko yophenyo iveze ukuthi ukubulawa kwakhe akuhlobene nokubanjwa inkunzi kodwa bekuhleliwe.

Kubonakale njengoba ababulali bengathathanga lutho kulesi gameko okufana nemoto, umakhalekhukhwini isikhwama semali nokunye.

UMaseko ubulawa nje ubeyingxenye yophenyo endaweni oluphenya ubugebengu obuhleliwe okuhlanganisa ukushushumbiswa kwamalahle, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokunye.

Iziphathimandla zikholelwa wukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomsebenzi wokuphenya amacala abandakanya ubugebengu obusezingeni eliphezulu.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button