Izindaba

Kubanjwe izidakamizwa zenani lika-R1 billion lizongena eMzansi

Sihle Mkhize

Kubatshazwa inani lika-R1 billion lezidakamizwa elibanjwe iBorder Management Authority emngceleni iBeitbridge zizongena eNingizimu Africa.

Kuwumlando lokhu njengoba kungakaze kubanjwe inani elingaka selokhu kwathi nhlo.

NgoLwesithathu ebusuku uphiko lwezinhloli libhadame iloli ebeliqhamuka eZimbabwe lizonqamula eBeitbridge.

Iziphathimandla bese zililindile zalixilonga leli loli zisebenzisa ubuchwepheshe bazinika isikhathi kwaphela cishe amahora angu-8.

Nebala bathola okubikwa ngemethaqualone ebuye yaziwe nge-ABBA esetshenziswa ukuthaka isidakamizwa imandrax.

Kube sekubizwa amaHawks neK9 kwatholwa ukuthi nebala lezi zithako zilinganiselwa ku-713 000 grams zathathwa kwaqinisekiswa ukuthi zingabiza uR998 200 000 okuyinani elingaphansana nje kwa R1billion.

Kube sekuboshwa abesilisa abathathu abavela eMalawi bavalelwa esiteshini samaphoyisa eMusina amaHawks esaqhubeka nophenyo.

Ngomhla ka-6 May amaphoyisa aseThekwini, KwaZulu-Natal abambe izidakamizwa ezibiza inani lika-13 million echwebeni lakuleli dolobha.

Lokhu kuza emuva kokuthi amaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence.

Amaphoyisa athi lo mkhankaso ulandela ukuvundululwa kwezinye izidakamizwa eGauteng, ngo-April kulo nyaka.

Kwavela ukuthi kusetshenziswa ichweba laseThekwini ukungenisa lezi zidakamizwa ziphikelele eGauteng.

Lokhu kwenze amaphoyisa aqaphe ikakhulukazi imikhumbi evela eSouth America.

Ngesikhathi sophenyo lweDurban Operational Response Services (ORS) neSerious Organised Crime Investigation (SOCI) avundulule izitini ezingu-32 okusolwa ukuthi eze cocaine zicashiswe kwenye yamabhasi.

Uphenyo luyaqhubeka ukuthi Lezi zidakamizwa zivela kubani futhi beziya kubani.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button