
Ubuyise ithemba uPhakel’mthakathi kumaphara
Sindiswa Nxumalo
Kubuyiswe ukuzethemba kubantu abahlala emgwaqeni eThekwini emva kokulethelwa umkhuleko obuhlelwe uPhakelumthakathi Ndabandaba kanye noMzimbokhalimali Dlamini.
Lo mkhuleko ububanjelwe eKing Dinuzulu Park, eThekwini, nokuyindawo esiyaziwa njengendawo okuhlala kuyo laba bantu asebengene shi ezidakamizweni.
“Njengoba silapha asizile ukuzoncenga amavoti, kepha sizosiza nina,” kusho uPhakelumthakathi.
Uqhubeke wathi inhloso yabo yokwenza lolu ukuzosiza abantu asebezimisele ukusizakala.
“Nginesiqiniseko sokuthi iningi lenu alisayithandi le mpilo futhi niyazama ukuyiyeka, kodwa kunzima,” kusho uPhakelumthakathi.
Esinye sezizathu sokuletha lomkhuleko izinga labantu abashonayo ngenxa yezidakamizwa.
“Njengoba silapha nje, omunye wodadewethu uNombuso usesishiyile emhlabeni ngenxa yalezi zidakamizwa,” kubika uNkanyiso Ngobese.
Kuleli sonto nje lilodwa, bayisihlanu abatholakale sebeshonile kule Paki ngoLwesithathu, omunye utholakale namuhla ekuseni eseshonile.
Abaholi nabafundisi bahlanganyele kanye namalunga omphakathi akhathazekile ngalesi simo.
UPhakelumthakathi ubonge ukubambisana kwabazokhuleka nabazokhulekelwa wathi bazophinda bebuye nolunye uhlelo lokusiza laba bantu.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



