
Uchiphize izinyembezi uNgizwe echaza ngokusha komuzi
Philasande Luthuli
UNgizwe Mchunu ephawule okokuqala kulandela ukushiswa komuzi wakhe ngeSonto ubechiphiza izinyembezi.
Uveze ukuthi abantu bangakhuluma nje abakuthandayo kulungile banamalungelo.
Uthi ayikho into ayihlonipha njengomsamu ezeseka ngokuthi ayikho indoda engavele isuke ishise umuzi wayo, uthi ipolitiki le esidlalwa.
Uthi ubeseGoli njengoba bekumkhankaso wokuzama ukulungisa izwe kukhona obekumphoqa.
“Ngifonelwe umakoti wami omncane okunguye ohlala ngokugcwele kuleli khaya nabantwana nosbali,” usho kanje.
Uziphikile izinsolo zokuthi abokufika yibona abathinteka ekushisweni komuzi wakhe oseMadundube, eMbumbulu, ngeSonto ntambama.
UMchunu uphinde wakuphika wama ngentaba ukuthi kungenzeka ukuthi nguyena qobo oshise umuzi.
“NgokweSintu umlilo uwulaka, kunendlu yabantu abadala la. Bengeke ngishise umuzi wami,” kuqhuba yena.
Kushe imibhede, amafridge nenye impahla ebisezindlini.
Uthi kusukela ngo-2021, ngesikhathi elwela uMsholozi impilo yakhe yashintsha okungangokuba usehlale egadiwe.
“Anginasitha komakhelwane selokhu ngafika la ngo-2014, akukho kwelekwele ebelingasuka la lisuka khona lizoshisa umuzi wami,” kuqhuba yena.
Nakuba abantu abaningi besole labo abavikela abokufika ngokuthi bangase babe semuva kwalesi sigameko, uMchunu uthi yena akakazi ukuthi ubani obandakanyekile njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.
UMchunu usengomunye wabaholi bemikhankaso ebizwa ngeMarch and March efuna ukuthi abokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika ngaphambi komhla ka-30 June 2026.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



