
Kubhimba ikhwaya uMengameli embuleka izinqa
Liyah Mseleku
Ugeqa amagula owayeyisikhulumi ePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula ngokwenzela phansi izwe.
Uthi impela iqembu le-ANC lasebenzisa ubuningi balo budedengu ngesikathi livota luvuna udaba lwase Phala Phala.
UMapisa Nqakula uthi nguNobhala jikelele uFikile Mbalule owayalela amalungu we-ANC ukuba eseke uMengameli uCyril Ramaphosa uma seku votwa Phalamende.
Uthi uyavuma lento eyenziwa yayiphambene futhi ngabe kuningi okuncono okwenzeka ukuba abasebenzisanga ubuningi ePhalamende.
URamaphosa, usedalule ukuthi uyasemukela futhi uyasihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo enqume ukuthi iPhalamende alilusingathanga ngendlela efanele udaba lwePhala Phala.
Ngomlomo wumkhulumeli wakhe uMnuz Vincent Magwenya, uRamaphosa uthe umile ekutheni akekho umuntu ongaphezu komthetho.
Nokuthi lezi zinsolo ezibhekiswe kuyena kumele zilandelelwe ngokomthetho, ngokungachemi futhi kungancikwa ohlangothini oluthile.
“UMengameli usesibonile isinqumo esithathwe yiNkantolo yoMthethosisekelo kuleli cala ebelidluliselwe phambilini ngabe-Economic Freedom Fighters, besebenzisa isigatshana somthetho u-Section 89,”
“Ngakho uMengameli uyasihlonipha isinqumo futhi uyazibophezela ukuthi uzolandela konke okushiwo wumthetho wezwe,” kusho uMagwenya.
Inkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi iPhalamende laphula umthetho ngenkathi livota ngo-2022, liphikisa isigatshana somthetho u-Section 89 – okwakubikwe ngawo izinsolo zokwephula umthetho ezibhekiswe uRamaphosa.
Okwavela wukuthi kwatholakala izishaqane zemali epulazini lakhe ePhala Phala, eLimpopo, ngo-2020.
INkantolo ithole ukuthi leso sinqumo sePhalamende sasingafanele, futhi asihambisani nhlobo nomthetho.
Yabe isinquma ukuthi lowo mbiko wangaleso sikhathi uhoxiswe, bese kuvulwa ithuba lokuthi udaba lulandelelwe futhi luphenywe kabusha.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



