
Kuzoshayeka abampofu kumiswa ukusebenza kwamatekisi
Sihle Mkhize
Basozala bengumtshingo ubethwa ngubani abagibeli bamatekisi njengoba iSizwe Transport Taxi Association izomisa ukusebenza kwamatekisi.
Bazokwenza lokho emva kokuthi amatekisi wabo engavunyelwe ukungena eThekwini.
Emhlanganweni obubanjelwe eNewcastle bathi kusuka ngomhla ka-8 May 2026 amatekisi asuka eGoli eya eThekwini kanye nawasuka eNewcastle ngeke asakwazi ukungena kwelika bhanana.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMasipala wakuleli dolobha usichithile isicelo salo soseshini ukuthi ulayishe abagibeli abasuka eGoli beya eThekwini.
Isizathu esibekiwe uMkhandlu weTheku ngokusho kosomatekisi ukuthi sekugcwele.
Amatekisi asuka eNewcastle eya eThekwini nawo sichithiwe isicelo sawo sokuthi bethuthe abagibeli.
USihlalo weSizwe Taxi Association uMnuz Thwala obehola umhlangano uthe kuyethusa lokhu okwenziwa uMasipala weTheku.
“Abantu abahluphekayo yibo abasebenzisa amatekisi, abanconywana bagibela amabhasi bese kuthi abanemali bagibele izindiza,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi kusho khona ukuthi kucindezelwa umuntu ompofu.
UThwala ukuvezile ukuthi akusekho ezandleni zabo ngoba wonke amarenki aphethwe uMasipala weTheku bona baywawaswbenzisa nje.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



