
IDurban City FC izifake emabhukwini omlando
IDurban City FC izifake embhukwini omlando okuba iqembu lokuqala laKwaZulu-Natal ukuthi linqobe iNedbank Cup kusukela yasungulwa eminyakeni engu-55 edlule.
ICity inqobe iTS Galaxy emdlalweni owamanqamu obudlalelwa eNew Peter Mokaba stadium ePolokwane ngoMgqibelo kusihlwa.
Igoli layo lokuqala livalelwe uMfanafuthi Mkhize (58′) kubuywa ekhefini kwathi elokushayelela isipikili sokugcina lanamathiselwa uJean Lwamba (71′).
Lo mqhudelwano osuwaziwa ngokuthi iNedbank Cup wasungulwa ngo-1971 ubizwa ngeLife Challenge Cup.
Iqembu elaligcine ukuphakamisa inkomishi eliqhamuka kulesi fundazwe iLamontville Golden eyanqoba iMTN 8 esekuphele iminyaka engu-17 kwenzeka lokho ngoba yayinqoba ngo-2009.
Umqeqeshi uPitso Dladla oyibamba oyibamba kwiDurban City FC yona lena engompetha beNedbank Cup useshayelwe ihlombe watuswa abaningi.
Lo mqeqeshi wasoThongathi nguye owakhuphula uThongathi FC elitakula kwiSafa KZN ABC Motsepe League luya kwiNational First Division (NFD) esibizwa ngeMotsepe Foundation Championship (MFC).
Akagcinanga lapho kodwa wayekhona ebhentshini leRichards Bay FC ngo-2022 isuka kwiMFC inyukela kwi-Absa Premiership esibizwa ngeBetway Premiership.
Kanti ngesizini edlule ubekhona kuyona iDurban City FC inqoba iligi ye-MFC yanyukela kwiBetway Premiership, lapho ubesizana noSimo Dladla.
Sekuwumlando ukuthi iDurban City ikhale yemuka nesheke lemali lika-7 million.
Bayede News
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



