
Kuboshwe owesifazane nesiqhoqho samadoda bezishova
Sindiswa Nxumalo
Amaphoyisa ase-Odendaalsrus, e-Free State, abophe abantu abangu-10, abaneminyaka ephakathi kwa-23 no-49.
Abesilisa abayisishiyagalolunye nowesifazane oyedwa basolwa ngokukhwabanisa izikhungo zezimali.
Lesi sigameko siqale mhla zi-1 kuMbasa 2026, lapho owesifazane oneminyaka engu-47 azama ukuthola imalimboleko engu-R250,000 esebenzisa amaphepha omkokotelo.
Yize isicelo sakhe sasivunyelwe okwesikhashana, kwatholakala ukuthi izincwadi zomholo azithembekile, kwabe sekubizwa amaphoyisa.
Uphenyo lwaveza ukuthi lo wesifazane usebenzisana neqembu labakhwabanisi okusolwa ukuthi livela eGauteng, kanti kungenzeka selikhwabanise ezinye izikhungo zezimali ngaphambilini.
Amaphoyisa asebenzise ithimba elihlanganisa izinhlaka ezahlukene, okuholele ekutholeni izimoto ezimbili ezisetshenziswe yileli qembu, iSuzuki enezihlalo eziyisikhombisa nombala wesiliva kanye neToyota Tazz emhlophe.
Abasolwa baboshwa, omunye wabaleka kodwa bamlanda eWelkom kamuva.
Amakhadi amaningi asebhange atholakala kubasolwa, kanti nezimoto zabanjwa njengobufakazi.
Icala selidluliselwe eWelkom Commercial Crimes Unit ukuze kuqhubeke uphenyo.
UKhomishana wamaphoyisa e-Free State, Thabang Solomon Lesia, uthe ukulwa nobugebengu obuhleliwe kuyinto eza kuqala.
Abasolwa bazovela enkantolo mhla zi-7 kuMbasa 2026, bebhekene namacala okukhwabanisa.



