
Seliphumile usuku kwabazodlana imilala koweKZN Sport Awards 2026
Sindiswa Nxumalo
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, Mntomuhle Khawula, uthule ngokusemthethweni abagcine befike kowamanqamu kuma-KZN Sport Awards ka-2026.
Lesi simemezelo senziwe eHollywoodbets Kingsmead Cricket Stadium, eThekwini, ngoLwesibili.
Bekwethulwa abaqokiwe ezigabeni eziyi-18 okugqamisa abahamba phambili kubasubathi, abaqeqeshi, abaphathi kanye nabezindaba.
Lo mcimbi omkhulu uzobanjwa mhla ziyi-18 kuMbasa 2026 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
“Lesi simemezelo sikhombisa uhambo lokuzinikela, ukuqina kanye nobungcweti. Ukufinyelela kowamanqamu kuwuphawu lokusebenza kanzima nokusebenza ezingeni eliphezulu.” kusho uKhawula
Kulo nyaka, imiklomelo ihambisana neshejuli kazwelonke yeSouth African Sport Awards, okuqinisekisa ukuthi ukusebenza konyaka wonke kuyahlonishwa.
UMongameli weKwaZulu-Natal Sports Confederation, Thami Mchunu, uthe: “Izinga labaqokiwe likhombisa ezemidlalo ezikhulayo nezincintisanayo. Le miklomelo ikhuthaza ubungcweti.”
Ngamagama avelele afana noKeshav Maharaj noZakithi Nene, uhlu lwabaqokiwe lubonisa ithalente elikhulayo esifundazweni.
Njengoba kulindelwe lo mcimbi, amaKZN Sport Awards aqhubeka nokuba yinkundla yokuhlonipha nokuvulela abasubathi amathuba okukhuphukela ezingeni likazwelonke.
Naba abahlanu abahambe phambili emkhakheni abaqokwe kuyo: Unobhala oqavile wonyaka owokuqala uGugu Ngema, kube uHeinrich Strydom weKhilikithi, noPrecious Nzimande weSailing.
Abaqeqeshi u-Ahmed Amla weKhilikithi, u-Owami Zuma weSailing, noPrecious Mthembu weNetball KwaZulu-Natal.
Ku-Federation yonyaka kube inyunyana yeKhilikithi KwaZulu-Natal, ibhola lezandla.
Owezemidlalo osemnkantshubomvu wezemidlalo kwabesilisa uConnor Doig, Tennis uKeegan Vogt, Conceing kanye noRyan Viviers weTriathlon.
Bese kuba owezemidlalo osemnkantshubomvu kwabesifazane kube uMbali Diphoko weNetball, uNobubele Zwane weKhilikithi kanye no-Okuhle Sthole webhola lezinyawo ukukha nje phezulu.
Izimoto zohlobo lweVW Polo zilindile labo abazonqoba.



