
Izinkulungwane kuThe People’s March ngosuku lwamalungelo
Luyanda Mlaba
Izakhamuzi zesifundazwe KwaZulu-Natal zihlangene eThekwini izolo emashini ebizwa iThe People’s March.
Lo bekuwumkhankaso obubanjwe ngesikhathi kugujwa usuku lwaMalungelo, IHuman
Rights Day.
Lo mbuthano uqale eKing Dinuzulu Park, wahlanganisa abantu abaningi abavela ezinhlanganweni zomphakathi nezepolitiki, kuhlanganisa i-ANC, COSATU,
SACP, kanye neSANCO.
Lezi zindimbane zabantu zilibangise e-Albert Park, okuyindawo lapho
kuqoqelwe khona umhlangano wokugcina.
UMnuz Mike Mabuyakhulu, ongumxhumanisi wethimba lesikhashana le-ANC esifundeni saseThekwini, ugcizelele ukubaluleka kobumbano lwamazwe omhlaba kanye nokusebenzisana kwabantu ekulweni nokungalingani nokuvikela amalungelo abantu.
Uphinde wakhuthaza abantu ukuthi baqhubeke nokuma ndawonye ukuvikela inkululeko kanye nobukhosi bezwe.
Inhloso enkulu yale mashi kube ukuvikela ubukhosi bezwe kanye nokugubha impumelelo yentando yeningi eNingizimu Afrika.
Abaholi bagcizelele ukubaluleka kokuvikela amalungelo abantu, ukukhuthaza ubumbano nokulwa nokuhlukunyezwa kwanoma yiluphi uhlobo.
Izikhulumi zikhulume ngokubaluleka kosuku lwamalungelo eSintu, olukhumbuza
ngezigameko zomlando ezifana neSharpeville Massacre, lapho abantu abaningi babulawa ngenxa yokulwa nokucindezelwa.
Lokhu kwenze abahlanganyeli
bakhumbule ukuthi inkululeko etholakele ayifanele ithathwe kancane.
Ngaphandle kwemiyalezo yezepolitiki, le mashi ibuye yaba yisikhumbuzo sokuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele baqhubeke nokusebenzisana.
Beqinisa ukuthula, ubulungiswa kanye nenhlonipho phakathi kwabantu bonke.
Umcimbi uphele ngokuthula, kanti izikhulu zikhuthaze abantu ukuthi baqhubeke nokuba yingxenye yokwakha izwe elingcono, lapho amalungelo wonke umuntu
ehlonishwa futhi evikelwa khona.



