
Philasande Gumede
Zizobe zibondiwe kuduma u-Amen eMangosuthu Stadium, oLundi emcimbini iLinqotshiwe Pre-Easter Gospel Event.
Kuzobe kuboshelwe abaculi beGospel abanohlonze nabafundisi abanamagalelo abashumayela uJesu umbone ngamehlo bazobe bephume ngothi lwabo.
Le nhlanganisela yabaculi nabefundisi ihlose ukukhuthaza ukwakha iZululand entsha, kusetshenziswa umkhuleko
ukubhekana nezinselelo ezinkulu umphakathini.
Okuseqhulwini ukugqugquzela ukhetho olunokuthula, ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV), izingxabano kanye nezingozi ezihlobene namatekisi nokuphepha emphakathini.
Uhlelo luzobandakanya isigaba i“7 Words at the Cross”, lapho abefundisi abayisikhombisa bezokwethula izintshumayelo ezibhekana nalezi zinkinga zomphakathi.
Kulo mcimbi kuzonandisa abaculi okubalwa kubo uJumbo, uThobekile, Thina & Ndumiso Zungu, Ntokozo Ngongoma nabanye bendawo uSphe Hlengwa, Amaqhawe Ezulu kanye neMighty Rooted Voices.
Uhlelo luzophathwa uPastor Lungisani Simelane (Ukhozi FM) kanye noRev Wisemen Ngcobo.
Umphakathi uyamenywa ukuthi uphume ngothi lwawo njengoba kuzobe kungenwa mahhala.
Lo ndabamlonyeni womcimbi uzobe ungomhla ka-27 April.



