
Kubuye ithemba kunqoba iChiefs koweCaf
IKaizer Chiefs beyidinga ukunqoba ngamagoli amabili noma ngaphezulu ukuze iqinisekise indawo yayo esigabeni somkhumulajezi.
Igcine inqoba ngo 2-1 emdlalweni kaGroup C obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngeSonto ntambama.
Njengoba iZesco United imangazile ishaya iZamalek, okusize iChiefs ukuthi iqhwakele kuleli qoqo.
Nokho, njengoba ingazange inqobe ngamagoli amabili kuya phezulu sekuzocaca ngempelasonto ezayo ukuthi iyadlulela yini phambili.
Yize kunjalo, okusalele iKaizer Chiefs wukuthi iqinisekise ukuthi ayidliwa e-Egypt ukuze idlulele phambili.
U-Itumeleng Khune uyincomile iKaizer Chiefs ngokunqoba kwi-Al Masry, kodwa wabe eseyisola ngokuyeka ithuba lokudlulela phambili.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo kwiSABC Sport la sengumhlaziyi khona, uKhune uzwakalise ukudumala ngokuthi iChiefs neyingayazi le yamagoli.
“Ababonisanga ukuphuthuma elinye igoli ngasekupheleni komdlalo ukuthi bayazi ukuthi kumele banqobe ngamagoli amabili,” kusho uKhune.
“Kunalokho sibone uBrandon Petersen ezama ukwehlisa umfutho womdlalo nokudla isikhathi.”
Umqeqeshi weChiefs, uKhalil Ben Youssef yena uzwakalise ukuthi ubengenalo ulwazi lokuthi uma benganqoba ngamagili amabili bekuyobe sebeyiphethile imbenge.
UKhune uthe kuyihlazo ukuthi lolu lwazi aluzange lufike kubaqeqeshi ngaphambi komdlalo ukuze balwele lo mphumela obuzobafinyezela indlela.
“Kuyaphoxa ngoba lento bekumele bayitshelwe ngaphambi komdlalo. Manje kuvela ukuthi yikhathi ezwa manje ngalokho,” kusho uKhune.
Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns ibuye kade seyilandela ngemuva ukuze idlale ngokulingana neSt Eloi Lupopo ekuhambeni eLumbumbashi eDR Congo.
IStellenbosch FC yona ibe nonyawo olubi njengoba ishaywe yi-AS Otoho yaseCongo okuwumphumela oqede uhambo lwayo kulo mqhudelwano.
NB: Advertisement Call/WhatsApp 073 062 1169



