EzokungcebelekaIzindaba

Umlingisi emseni weNPA ecaleni lokweba

 Sane Mseleku

Umlingisi ongaconsi phansi eNingizimu Africa uNambitha Mpumlwana ulinde isinqumo sophiko lwezokushishisa iNPA, emuva kokuboshelwa icala lokweba.

Ngonyaka odlule uNambitha (58) wabanjwa esitolo sakwa Dis-Chem, eFerndale Mall, eRandburg eGoli, lapho esolwa ngokuntshontsha ilipstick khona ebiza uR160.

Waboshwa amaphoyisa aseRandburg, lapho waziphika khona lezi zinsolo, wathi kube khona ukungaqondi kahle phakathi kwakhe nesitolo, ngaphambi kokuba adedelwe ngebheyili kaR1000.

Kunokuba kuqhubeke icala abakwa National Prosecuting Authority (NPA) babone kungcono ukuthi bamfake ezinhlelweni zokuhlumelelisa kwesimilo.

Okhulumela abeNPA South Gauteng, uPhindi Mjonondwane, uqinisekisile ukuthi icala lihoxisiwe, kwanikwa uNambitha ithuba lokuthi abe kuhlelo lokululekwa, ukusiza emphakathini nokunye.

Imiphumela yalolu hlelo izodlala enkulu indima ukuhlonza ukuthi uMpulwana uyabhekana yini necala noma cha. Iziphathimandla zithi isinqumo esingujuqu sizophuma uma sekuphele lolu hlelo neNPA yafaka izibuko.

Abameli ba Nambitha bebengakaphawuli ngecala.

UNambitha useke wabonakala kwimidlalo eminingi kuleli okubalwa  iTsotsi, Generations, Yizo Yizo, Beyond Borders neminye eminingi.

Related Articles

Back to top button