
Zimb’izinto amasela entshontsha inyoka yohlobo
Aphelele Cebekhulu
Kungene izigelekeqe zagqekeza emzini womuntu zantshontsha inyoka yodwa zashiya konke.
Inyoka eyohlobo lwe-Albino Snow Corn Snake.
Umnikazi ucela uMsamariya onesihawu ongamsiza ngomkhondo wokuthola le nyoka ebizwa ngoGumede.
Lesi sigameko sokuntshontshwa kwale nyoka enezinyanga eziyisishagalombili ubudala senzeke eParkgate, eVerulam, eKZN.
Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) ibike ukuthi umnikazi womuzi ushiye uGumede ekuseni eya emsebenzini.
“Esebuya uthole ukuthi kulinyazwe i-burglar guard. Ukholwa ukuthi umsolwa ungene ngendluzula emzini wakhe wantshontsha inyoka yodwa wakushiya konke” kusho iRusa.
IRUSA ithe uGumede unezinyanga eziyisithupha, ubude bakhe bulinganiselwa ku-60cm, unombala o-pink nomhlophe emzimbeni namehlo abomvu.
Kube sekunxuswa noma ngubani ongase abe nolwazi ukuthi ashayele ku-086 1234 333.



