
Bekuphume nesinedolo emcimbini wabaphila nokukhubazeka
Sihle Mkhize
Bekuphume nesinedolo emcimbini womculi ophila ngokukhubazeka uKing Lwah obubanjelwe ehholo lomphakathi, eLovu kwaB, ngoLwesibili.
Kulo mcimbi bekukhona intsha nogogo bendawo benhlangano iSiyabathanda Elders bethamele lo mcimbi nabaholi bomphakathi.
Ikhansela lakule ndawo ekuward 109 uMnuz Menzi Manqele ukhumbuze abantu ukuthi bonke baphila ngokukhubazeka inqobo wukuthi kuyeshiyana.
“Ngiyabonga ukuthi ngithi ngifika nje senginikwa ithuba lokuza ngaphambili. Ngithi singabantu siyefana umehluko wukuthi kuyeshiyana indlela esikhubazeke ngayo,” kusho uManqele.
UMnuz Buhle Dludla ophethe emtholampilo wendawo eLovu uchaze indlela abantu abehlukene abakhubazeka ngayo.

“Omunye umntwana uzalwa ekhubazekile ngenxa yezinkinga ngesikhathi esesiswini kunina. Kokunye umuntu alimale engozini yemoto bese eyakhubazeka. Okusemqoka wukuthi sonke subalulekile,”
“Iningi lethu liphila nokukhubazeka bheka nje mina ngiphila ngokugqoka izibuko. Uma ngizikhumula okusho ukuthi ukubuka kwami sekuphazamisekile. Lokhu kusho ukuthi cishe wonke umuntu unakho ukukhubazeka anakho,” kusho uDludla.
UMnuz Siyabonga Mhlongo ophila nokukhubazeka nobekulo mcimbi uthe: ” Njengoba kuyinyanga yabantu abaphila nokukhubazeka sikuthathele phezulu uma sibizwa uKing Lwah.
“Sibonga ithuba lokuthi nathi esiphila ngokukhubazeka siwaveze amakhono esinawo. Sithemba ukuthi uhulumeni uzongenelela abone ukuthi nathi siyakudinga ukufinyelela la sifuna khona,”
Umcimbi uvalwe abaculi bendawo abehlukene abebenandisa nezinkulumo ezakhayo.

Umnikazi womcimbi uKing Lwah ngamafuphi ubonge wonke umuntu odele konke wakhetha ukuzobungaza naye lolu suku.



