Izindaba

Akuhambeki ePMB intsha izama inhlanhla emaphoyiseni

Sihle Mkhize

Bangaphezuli kwa34 000 abantu abafake izicelo zamathuba emsebenzi kanti beqile ku-700 abantu asebebhale izivivinyo.

Bonke banethemba lokuqashwa babe namaphoyisa omgwaqo KwaZulu-Natal.

Akwaziwa ukuthi liyoshona kunjani ke eRoyal Show ground eMgungundlovu njengoba abantu bebulala inyoka.

Sekukhishwe isexwayiso kwizakhamuzi nabashayeli bezimoto ngesiminyaminya esesidaleke edolobheni eMgungundlovu ikakhulu ezindaweni ezisondelene neRoyal Showgrounds.

Lokhu kudalwa wuhlelo lokuqashwa kwamaphoyisa omgwaqo oluqhubekayo kule ndawo noseluhehe inqwaba yabafake izicelo.

Abashayeli bezimoto bayelulekwa ukuthi babekezele, basebenzise eminye imizila lapho kungenzeka khona.

“Okubalulekile wukuthi sixolise kubashwyeli, izakhamuzi, nabasebenzi abaphazanyiswe yilesi siminyaminya”

“Siyakwazisa ukwesekwa Umsunduzi Traffic Department nabanye emaceleni abasebenzisana noMnyango ukuzama ukunciphisa isiminyaminya”

“Siyagqugquzeleka ukubona ubumbano njengabazali, izihlobo, abangani ngabantu bomphakathi nje abakhombisa ukweseka bonke abafake izicelo zokwakha iKwaZulu-Natal ibe ngengcono,” kusho uMnyango.

Related Articles

Back to top button