Ezemidlalo

Ungayiphani iBafana Bafana?

IBafana Bafana iqophe umlando ibuyela eNdebeni yoMhlaba okokuqala kusukela ngo-2010 ngesikhathi lo mqhudelwano usingethwe kuleli.

Leli qembu likaHugo Broos ligingqe iRwanda ngo 3-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga ngoLwesibili ebusuku ukuze iqinisekise indawo yayo kulo mqhudelwano.

Uzobanjelwa e-US, Mexico naseCanada ngonyaka ozayo. IBafana nokho kuzomele ibonge neNigeria ngokuyenzela indlela yayo ibe lula.

Beyiye kulo mdlalo idinga ukunqoba, kodwa ngaphezu kwalokho beyidinga ukuthi iNigeria ishaye iBenin ukuze iqede iqhwakele kuGroup C bese iqinisekisa indawo yayo.

Nebala iNigeria ikwenzile lokho nayo ishaya iBenin ngo 4-0, uVictor Osimhen efaka uphuthu epletini lomakhelwane babo eNtshonalanga ne-Afrika.

Amagoli eBafana ashaywe oThalente Mbatha, u-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa nokuyiwo aqinisekise lo mphumela obudingeka kakhulu.

Lisenethini.co.za

Related Articles

Back to top button