Izindaba

Umsindo ‘ngechilo’ lokuthatha isibongo sikankosikazi 

Liyah Mseleku

Zibabaza ichilo izifundiswa nezakhamizi zaseNingizimu Africa mayela nomthetho okhishwe yiNkantolo yomthethosisekelo eNingizimu Afrika.

UProffessor Nokuzola Mndende uthi ngesikhathi elalele isinqumo seJaji ushaqekile, ubengazitsheli ukuthi lokhu kwenzeka eSouth Africa.

“Ngokuqonda kwami eNkantolo yomthethosisekelo kukhona namaJaji angama-Africa. Angazi bebeyingxenge yalokhu yini ngoba lo mthetho akusiwo owama-Africa”

“Angicabangi ukuthi bathintwa abantu ngaphambi kokuphasiswa lo mthetho. Yingakho kukhula ukuhlukunyezea kwabantu besifazane. Labo abaphasise lo mthetho bakhohliwe ukuthi kunezinto ezenziwayo njengamalobolo,” usho kanje.

Abaningi bathi kubukelwe phansi amasiko ama-Africa nokuvulela abantu bangaphandle ukuthi bangene kuleli.

Lo mthetho uvumele abesilisa ukuba bashintshe izibongo zabo uma bethanda, bathathe esenkosikazi.

UProff Velaphi (VVO) Mkhize, ucashunwe kwabezindaba ethi wudoti ukuthi amadoda ashintshe izibongo zawo uma eseganiwe, abize esenkosikazi.

Le nkantolo ithe umthetho osebenzayo njengamanje uyashayisana nomthethosisekelo wezwe ngoba awubaniki abesilisa ilungelo lokuba bazikhethele isibongo abafuna ukusisebenzisa uma sebeganiwe.

Lesi sinqumo sethulwe yiJaji uLeona Theron.

UMkhize uthi inkinga ekhona eNingizimu Afrika, wukuthi izwe liphethwe ngabantu abangenantshisekelo yokukhulula abantu, kodwa abahlose ukubadicilela phansi.

Uthi kunenkinga yokuthi uhulumeni ohola leli zwe ubulala isintu namasiko abamnyama, ngenhloso yokujabulisa abamhlophe.

Njengamanje umthetho awukuvuni ukuthi amadoda athathe isibongo senkosikazi, kodwa yinkosikazi evumelekile ukushintshela esibongweni sendoda.

Esinqumweni sayo le nkantolo, iyalele iPhalamende ukuba lilungise leli phutha elikulo mthetho.

Ithi kumele lenze isichibiyelo kuwo noma lishaye umthetho omusha, ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu unelungelo lokushintshela kwesinye isibongo.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button