
Ushaywe ‘istimela’ ngabeselisa abangu-15 eTarven
Sihle Mkhize
Udlwengulwe abesilisa ababalwela ku-15 owesifazane eWaterloo, KwaZulu-Natal.
Lo wesifazane oneminyaka engu-25 ubudala nongeke adululwe igama lakhe okwamanje wehlelwe yilo mshophi ephuza etavern yakule ndawo.
Umgilwa ongunina wezingane ezimbili ubikele abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ngale sehlo esimehlakalele ngoMgqibelo ebusuku.
Nakuba enukubezwe ngoMgqibelo kodwa uze wasibika lesi sigameko ngoMsombuluko.
Echazela onogada owesifazane owakhelene nomgilwa uthe: Ngezithuba zabo-9 ebusuku ngoMgqibelo ubesendaweni yokucima ukoma.
Ube esehlangana nowesilisa ozidlise satshanana kuyena wazenza umngani.
Uthi umgilwa uphaphame ngeSonto eduze kwalo mlisa emva kwetarven idilozi engasaligqokile neselula yakhe isinyamalele.
Ufakazi wesibili oxoxisane nonogada uthe umgilwa ubedakwe engazazi negama lakhe wacela ukugoba amadlangala kwelinye lamagumbi eTarven.
Ngokusho kwalo kwafakazi ozibonele ngo”see” uthi yilapho ke ebone khona amadoda ephuma engena enukubeza lo wesifazane.
Uthi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ubedakiwe naye wazitshela ukuthi kuvunyelwene.
Umgilwa kuthiwa akalutholanga usizo lwezomthetho izolo njengoba esevukela konogada ukuze asizakale.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



